Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 20:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba wacindezela, wabashiya abampofu; ngoba wathatha ngendluzula indlu angayakhanga;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Ngokuba ubacindezele, wabalahla abampofu, udle indlu angazange ayakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 20:19
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi kumelwe ukhulume kuye uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ingabe ubulele wathatha futhi? Uzakhuluma kuye, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabhoti, izinja ziyakukhotha igazi lakho, okungukuthi eyakho.


Lizahlala ethenteni lakhe, ngoba lingesilo elakhe; isibabule siyofafazwa phezu kwendlu yakhe.


Ngoba wathatha isibambiso kumfowenu ngesize, wahlubula abanqunu izigqoko zabo.


Ngenxa yobuningi bezinsizi babiza abacindezelwe; bakhala ngengalo yamaqhawe.


Ukwahlulela izintandane nabacindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esacindezela.


Ngenxa yokucindezelwa kwabampofu, ngenxa yokububula kwabampofu, ngiyakuvuka manje,” usho uJehova; ngizambeka ekuphepheni komqhuqhayo.


Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elivivinywe esithandweni somhlaba, elihlanjululwe kasikhombisa.


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe; kepha omdumisayo uhawukela abampofu.


Ngase ngibuyela emuva, ngabona zonke izinsizi ezenzeka phansi kwelanga; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla; kodwa babengenamduduzi.


Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlanekezelwa komthetho nokulunga ezweni, ungamangali ngaleyo ndaba, ngokuba ophakeme kunomkhulu kunaye, kukhona ophakeme kunabo.


Ukuchoboza bonke abathunjwa bomhlaba phansi kwezinyawo zakhe,


Abantu bezwe babecindezela futhi baphanga futhi bahlupha ompofu nompofu, yebo, bacindezela umfokazi ngokungafanele.


Kusukela lapho ninyathela ompofu, nithatha isithungu senu, nakhe izindlu zamatshe abaziweyo, kepha aniyikuhlala kuzo; nitshale izivini ezithandekayo, kepha aniyikuphuza iwayini lazo.


Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zenu eziningi nezono zenu ezinamandla;


Bafisa amasimu, bawathathe; nezindlu bazithathe; bacindezela umuntu nendlu yakhe, umuntu nefa lakhe.


Abesifazane babantu bami banixoshile ezindlini zabo ezinhle; abantwana babo ubususile udumo lwami kuze kube phakade.


Isithelo sezwe lakho nomsebenzi wakho wonke kuyakudliwa yisizwe ongasazi; futhi uyochotshozwa njalo uchotshoziwe.


Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.


Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na?


Bhekani, inkokhelo yezisebenzi ezivune amasimu enu, eniyigodlile ngobuqili, iyakhala; nokukhala kwabavuniyo kungene ezindlebeni zeNkosi yamabandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka