Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 9:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Wothi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Ngisho nezidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesandla emva komvuni, kungabikho ozibuthayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Khuluma uthi: “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakusabalala njengendle emasimini, nanjengokusanhlamvu okunqunyiwe okusala emva komvini, kungekho okubuthayo.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 9:22
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yezinto zakhe eziyigugu, isiliva, negolide, namakha, namafutha ayigugu, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwakutholakala engcebweni yakhe. Akubangakho lutho endlini yakhe nasekubuseni kwakhe konke uHezekiya angabavumelanga ukuba bakubone.


Wathi: “Baboneni endlini yakho na?” UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho lutho phakathi kwengcebo yami engingakubonisanga.


Isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba endle endaweni yaseJizreyeli; ukuze bangasho ukuthi: “Lo ngu-Izebeli.”


Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, nesiluleko sabafundisi bamanga siphendukezelwe.


Akekho kubo ongahlenga umfowabo nhlobo futhi angamniki uNkulunkulu isihlengo ngaye.


ababhubha e-Endori baba njengomquba emhlabathini.


Inotho yenotho ingumuzi wakhe oqinileyo, injengogange oluphakemeyo ekuzigqabheni kwakhe.


Ungasebenzeli ukuceba; yeka okwakho ukuhlakanipha.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu bakhe, welula isandla sakhe phezu kwabo, wababulala; Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.


Abanqotshiweyo nguJehova ngalolo suku bayakuba khona kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba; abayikulilelwa, babuthwe, bangcwatshwe; bazakuba ngumquba emhlabathini.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngibekela laba bantu izithiyo, oyise namadodana bawe phezu kwazo kanyekanye; umakhelwane nomngane wakhe bazobhubha.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; futhi akekho oyobadabula.


Bayowendlala phambi kwelanga nenyanga naphambi kwebandla lonke lasezulwini ababelithanda nababelikhonza, ababelilandela, ababelifuna, bekhuleka; abayikubuthwa, bangangcwatshwa; bazakuba semhlabeni ukuze babe ngumquba.


Khona-ke ingqondo yakhe iyoshintsha, futhi iyodlula futhi ithukuthele ngokubeka amandla akhe kunkulunkulu wayo.


Ngiyakwehlisela abantu usizi ukuba bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuchithwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.


Futhi uthi enhliziyweni yakho: Amandla ami namandla esandla sami kungizuzele le ngcebo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka