Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 9:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngiyakubahlakazela ezizweni bona noyise ababengazazi; ngiyakuthuma inkemba emva kwawo, ngize ngiwaqede.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 9:16
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khumbula izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: Uma neqa, ngiyakunihlakazela ezizweni.


Ukuze awise inzalo yabo phakathi kwezizwe, ibahlakazele emazweni.


Futhi lapho besaba abaphezulu, futhi ukwesaba kuyoba endleleni, futhi um-alimondi uyoqhakaza, nesikhonyane siyakuba ngumthwalo, futhi ukufisa kuyaphela; ngokuba umuntu uya endlini yakhe ende, nabalilayo bahamba ezitaladini;


Ngakho ngiyobahlakaza njengamabibi adlula umoya ogwadule.


Ngiyakuthuma phakathi kwabo inkemba, nendlala, nesifo, baze baqedwe ezweni engalinika bona nawoyise.


Ngakho wothi kubo: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Phuzani, nidakwe, nikhafule niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyoyithumela phakathi kwenu.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakuthuma phezu kwabo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi, angenakudliwa, mabi kakhulu.


Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.


Nquma izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, uphakamise isililo phezulu; ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane solaka lwayo.


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Ngakho yithi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ngiyakunibutha ezizweni, nginibuthe emazweni enihlakazekele kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.


Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibahlakazela emazweni.


Noma ngiletha inkemba kulelo zwe ngithi: ‘Inkemba, dabula izwe;’ ukuze ngiqothule kuwo umuntu nesilwane.


Nami ngiphakamisele isandla sami kubo ehlane ukubahlakazela ezizweni, ngibahlakaze emazweni;


Manje, ndodana yomuntu, yenza isililo ngeTire;


Ingxenye yesithathu yenu iyakufa ngesifo, futhi iyakuqedwa yindlala phakathi kwenu; ingxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho; ingxenye yesithathu ngiyoyihlakazela emimoyeni yonke futhi ngihoshe inkemba ngemva kwayo.


Kumelwe uyishise ngomlilo ingxenye yesithathu phakathi komuzi, lapho izinsuku zokuvinjezelwa seziphelile; uthathe ingxenye yesithathu, uyishaye ngommese, nengxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni.


Ngiyonihlakazela phakathi kwezizwe ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lenu libe yihlane nemizi yenu ibe yincithakalo.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uJehova, uthi: Kuyakuba khona ukulila ezitaladini zonke; futhi kuyo yonke imigwaqo bayothi: Maye! maye! futhi bayobiza umlimi ukuba alile, nalabo abakwaziyo ukusuka ekulileni baye ekulileni.


Ngalolosuku umuntu uyakwenza umfanekiso ngani, alile ngesililo, athi: Sibhujisiwe saphela; Washintsha indawo yabantu bami; uyisuse kanjani kimi! Wahlukanisa insimu yethu.


Kodwa ngabahlakaza ngesivunguvungu phakathi kwezizwe zonke ababengazazi. Izwe laliyihlane emva kwabo, okungangadluli muntu kulo, kungabuyi muntu, ngokuba benza izwe elihle laba yihlane.


UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.


UJehova uyakukuyisa wena nenkosi yakho oyakuyibeka phezu kwakho esizweni obungasazi wena nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwabantu bonke, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu enaningabazi wena nawoyihlo, imithi namatshe.


Ngathi: Ngiyakubahlakazela emagumbini, ngiqede ukukhunjulwa kwabo phakathi kwabantu.


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka