Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 7:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ningethembi emazwini amanga athi: Ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, yilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 7:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Ngoba bazibiza ngabomuzi ongcwele futhi bahlala kuNkulunkulu kaIsrayeli; NguJehova Sebawoti igama lakhe.


Akekho ocela ubulungisa futhi akekho omela iqiniso; bathembela ezeni, bakhuluma amanga; bakhulelwa okubi, bazale ububi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?


Umprofethi uJeremiya wayesethi kuHananiya umprofethi: “Lalela, Hananiya! UJehova akakuthumanga; kodwa wena wenza laba bantu bathembele emangeni.


Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.


Thumela kubo bonke abathunjwa uthi: Utsho njalo uJehova ngoShemaya waseNehelami; Ngokuba uShemaya uprofethile kini, mina angimthumanga, wenza ukuba nikholwe ngamanga.


Futhi bapholisa kancane isilonda sendodakazi yabantu bami ngokuthi: Ukuthula, ukuthula! lapho kungekho ukuthula.


Ngalokho ngiyakwenza kule ndlu ebizwa ngegama lami, eniyethembayo, nakuyo indawo engayinika nina nawoyihlo, njengalokho ngenza eShilo.


Niyakungingcolisa yini phakathi kwabantu bami ngenxa yezandla ezigcwele zebhali nangezingcezu zesinkwa, ukuze nibulale imiphefumulo ebingayikufa, nisindise imiphefumulo ebingafuni ukuphila, ngokuqambela amanga kubantu bami abezwa amanga enu, na?


Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.


Ngalolo suku aniyikuba namahloni ngazo zonke izenzo zenu eneqe ngazo kimi; ngokuba lapho ngiyakubasusa kini abathokoza ngokuzidla kwenu, ningabe nisazidla ngenxa yentaba yami engcwele.


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka