Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 7:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Le ndlu ebizwa ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngikubonile,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 7:11
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona-ke lalela usezulwini, lapho uhlala khona, wenze njengoba nje umfokazi ememeza kuwe; ukuze zonke izizwe zomhlaba zilazi ibizo lakho, zikwesabe, njengabantu bakho uIsrayeli, njalo zazi ukuthi ibizo lakho liyabizwa phezu kwalendlu engiyakhileyo.


Uma niza ukubonakala phambi kwami, ngubani okufunileyo lokhu ukuba ningene emagcekeni ami na?


Ngisho nami ngiyobaletha entabeni yami engcwele futhi bajabule endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa neminikelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami; ngoba indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yabantu bonke.


Esigqebheni sakho kwafunyanwa igazi lemiphefumulo yabampofu abangenacala;


Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.


Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.


Nize nime phambi kwami kule ndlu ebizwa ngegama lami, nithi: ‘Sinikelwe ukwenza zonke lezi zinengiso na?’


Kanjalo nazidla ngami ngomlomo wenu, nanda amazwi enu kimi; ngiwezwile.


O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu.


Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi.


Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.


Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka