Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 6:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Futhi izindlu zabo ziyodluliselwa kwabanye, kanye namasimu abo nabafazi kanyekanye; ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 6:12
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.


Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu bakhe, welula isandla sakhe phezu kwabo, wababulala; Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


ama-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva; futhi bayodla u-Israyeli ngemilomo evulekile. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Ngakho iNkosi ayiyikuthokoza ngezinsizwa zabo, ingabahawukeli bona nabafelokazi, ngokuba bonke bangabazenzisi nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


UManase, uEfrayimi; futhi u-Efrayimi, uManase, futhi bona ndawonye bayomelana noJuda. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Nina ningishiyile, usho uJehova, nibuyele emuva; ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikuchithe; Sengikhathele ukuphenduka.


Mina ngokwami ngiyolwa nani ngesandla eseluliweyo nangengalo enamandla, yebo, ngentukuthelo nangokufutheka nangentukuthelo enkulu.


Futhi bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayolethwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhiloni, futhi labo besifazane bayothi: ‘Abangane bakho bakuhlasele futhi bakunqobile; izinyawo zakho zashona odakeni, zabuyela emuva.


Ngakho bonke abafazi bakho nabantwana bakho bayakukhiphela kumaKaledi; aniyikuphunyuka esandleni sabo, kepha niyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele; futhi kumelwe uwushise lo muzi ngomlilo.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululelwa kule ndawo, phezu kwabantu, naphezu kwezilwane, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba; futhi uyovutha futhi ungacimi.


Ngakho abafazi babo ngizabanika abanye, lamasimu abo kwabawadla ilifa, ngoba wonke kusukela komncinyane kusiya komkhulu uzinikele ekuhahabeni, kusukela kumprofethi kusiya kumpristi, wonke umuntu wenza amanga.


UJehova wahlosa ukudiliza ugange lwendodakazi yaseSiyoni; Welula umucu wokulinganisa, isandla sakhe asihlehlanga ukubhubhisa; ngalokho wenza ukuba kukhale imiduli nogange; baphelelwa amandla kanyekanye.


Ngempela, ungijikele; ungiphendulela usuku lonke isandla sakhe.


Badumaza abesifazane baseZiyoni, nezigqilakazi emizini yakwaJuda.


Ifa lethu selidlulele kwabafokazi, izindlu zethu kwabafokazi.


Siyizintandane nezintandane, omama bethu banjengabafelokazi.


Uthi kuyo: Usho kanje uJehova; Bheka, wena ntaba yaseSeyiri, ngimelene nawe; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikwenze incithakalo.


Ngakho ngiyakuletha abezizwe ababi kakhulu, badle izindlu zabo; nezindawo zabo ezingcwele ziyongcoliswa.


Ngalolosuku umuntu uyakwenza umfanekiso ngani, alile ngesililo, athi: Sibhujisiwe saphela; Washintsha indawo yabantu bami; uyisuse kanjani kimi! Wahlukanisa insimu yethu.


Ngalokho impahla yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo zibe yihlane; bayakwakha izindlu, kepha bangahlali kuzo; bayakutshala izivini, kepha bangaphuzi iwayini lazo.


Ngiyakwelulela isandla sami phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema; ngiyakunquma insali kaBali kule ndawo, negama lamaKemarim kanye nabapristi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka