Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 48:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba ngenxa yokuthi nathembela emisebenzini yenu nasengcebweni yenu, nani niyoboshwa; futhi uKemoshi uyophuma aye ekudingisweni kanye nabapristi bakhe nezikhulu zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba ngenxa yokwethemba kwakho imisebenzi yakho nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Ngokuba ngenxa yokwethembela emisebenzini nasengcebeni yakho, nawe uyakubanjwa, uKhemoshi aye ekuthunjweni; abaphristi bakhe nezikhulu zakhe, kanyekanye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 48:7
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ashiya izithombe zawo lapho, uDavide nabantu bakhe bazishisa.


Ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti, unkulunkulu wamaSidoni, noKemoshi, unkulunkulu wamaMowabi, noMilkomu, unkulunkulu wabantwana bakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami amehlo, nokugcina izimiso zami nezahlulelo zami, njengoDavide uyise.


USolomoni wamakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni ephambi kweJerusalema, noMologi isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, ongahloniphi abazidlayo, ongaphendukeli emangeni.


Bhekani, lo nguye umuntu uNkulunkulu angamenzanga amandla akhe; kepha wethemba ebuningini benotho yakhe, waziqinisa ebubini bakhe.


Lokhu kuyinkatho yenu, isabelo senu esilinganiselwe esivela kimi, usho uJehova; ngoba ningikhohliwe Mina, lethemba amanga.


Ngiyakuphemba umlilo ezindlini zonkulunkulu baseGibithe; futhi uyobashisa futhi abathumbe njengeziboshwa; futhi uyophuma lapho ngokuthula.


UMowabi uyakuba namahloni ngoKemoshi, njengalokho indlu yakwa-Israyeli yaba namahloni ngeBethele ekuthembeleni kwayo.


Maye kuwe Mowabi! abantu baseKamoshi bayabhubha, ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho njengabathunjwa.


Khala, Heshiboni, ngokuba i-Ayi ichithiwe; khalani, madodakazi aseRaba, bhinceni izingubo zokulila; dabukani, nigijimele ezintangweni; ngoba inkosi yabo iyoya ekudingisweni, nabapristi bayo nezikhulu zayo kanyekanye.


Uziqhayiselani ngezigodi, esigodini sakho esigobhozayo, ndodakazi ehlubukayo? owethemba ingcebo yakhe wathi: Ngubani ozakuza kimi?


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.


Nilima ububi, navuna ububi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nathembela endleleni yenu, ngobuningi bamaqhawe enu.


Maye kuwe Mowabi! Nibhujiswa nina bantu baseKamos! Wanikela amadodana akhe ababalekile namadodakazi akhe ekuthunjweni kuSihoni, inkosi yama-Amori.


Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;


Ngalokho elizikhazimulise ngakhona, lazithokozisa, mnikeni ukuhlushwa nokudabuka okungaka, ngokuba lithi enhliziyweni yalo: ‘Ngihlezi ngiyindlovukazi, angisuye umfelokazi, futhi angiyikubona ukudabuka.’


Aniyikuthatha yini lokho unkulunkulu wenu uKamose akunika khona ukuba ukudle? Yilowo nalowo uJehova uNkulunkulu wethu amxoshayo phambi kwethu, siyakumdla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka