Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 44:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo ukuthi babuye ebubini babo, bangabeki impepho iye kwabanye onkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Nokho abangilalelanga, abangishayanga mkhuba, ukuba baphenduke ebubini babo, bangabe besashisela abanye onkulunkulu impepho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 44:5
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.


Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.


O, ukube ubuyilalele imiyalo yami! ukuthula kwakho kwaba njengomfula, nokulunga kwakho njengamagagasi olwandle;


Ngokuba ngazi ukuthi uyisijaka, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi;


Babuyela ezonweni zabokhokho babo, abenqaba ukulalela amazwi ami; balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze; indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda basephulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.


Ngoba onkulunkulu bakho, Juda, babenjengomumo wemizi yakho; futhi ngokwenani lezitaladi zaseJerusalema namisa ama-altare ehlazweni, ama-altare okushunqisa uBhali.


Ngokuba uJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi ngawe ngenxa yobubi bendlu yakwa-Israyeli nendlu yakwaJuda ababenza bona ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.


Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba, ngulowo lalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngalokho ngiyakubehlisela onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba bawenze; kodwa abazange.


Laba bantu ababi abala ukulalela amazwi ami, abahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandele abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhulekele, bayakuba njengaleli bhande eliyize.


Izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda ziyongcoliswa njengendawo yaseThofeti, ngenxa yazo zonke izindlu abashunqisela phezu kwazo umusi ukhuphukele kulo lonke ibutho lasezulwini futhi bathululele iminikelo yokuphuzwa kwabanye onkulunkulu.


UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho nabo bonke abantu abazange balilalele izwi likaJehova ukuba bahlale ezweni lakwaJuda.


Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba ngamacebo langemicabango yenhliziyo yabo embi, bahlehla, kabazange baqhubekele phambili.


Futhi asilalelanga izinceku zakho, abaprofethi, ababekhuluma egameni lakho emakhosini ethu, izikhulu zethu, nawobaba, nakubo bonke abantu bezwe.


Njengalokhu bababiza, basuka kanjalo kubo, bahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka