Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 44:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngenxa yobubi babo ababenzayo ukungithuka, ngokuya bashisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu ababengabazi, bona, nina, nawoyihlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 44:3
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa wena ulungile kukho konke okusehlela phezu kwethu; ngoba wena wenze okulungileyo, kodwa thina senze okubi.


Ngokuba iJerusalema libhuqiwe, noJuda uwile, ngokuba ulimi lwabo nezenzo zabo zimelene noJehova ukuba bacunule amehlo enkazimulo yakhe.


Ngokuba uJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi ngawe ngenxa yobubi bendlu yakwa-Israyeli nendlu yakwaJuda ababenza bona ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.


Uma utshela lababantu onke lawa mazwi, bayakuthi kuwe: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu bonke lobu bubi obukhulu na? noma buyini ububi bethu? Siyini isono sethu esenzileyo kuJehova uNkulunkulu wethu na?


Bazakuthi: Kungokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza abanye onkulunkulu, babakhonza.


Ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” usho uJehova, “engawathuma kubo ngesandla sezinceku zami abaprofethi, wavuka ekuseni, wabathuma; kepha anizwanga,” usho uJehova.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela phambi kwami kwasebusheni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunule ngomsebenzi wezandla zabo kuphela,” usho uJehova.


Ngenxa yokuthi nakhuphula impepho nangenxa yokuthi nonile kuJehova futhi anizange nililalele izwi likaJehova futhi anihambanga ngomthetho wakhe nangezimiso zakhe nangobufakazi bakhe; ngalokho lobu bubi bukwehlele njenganamuhla.


Ngokuba nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu ngokushisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe enangena kulo ukuba nigogobale kulo, ukuba nizinqume, nibe yisiqalekiso nesihlamba phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba?


Uma nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wethu wenzelani kithi zonke lezi zinto na? uyakuthi kubo: Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu bezizweni ezweni lakini, niyakukhonza abezizwe ezweni elingelona elenu.


Angiyikujezisa ngenxa yalezi zinto na? usho uJehova, uthi: “Umphefumulo wami awuyikuziphindiselela esizweni esinjengalesi na?


Bayangicunula na? usho uJehova; abahlazisi ebusweni babo na?


IJerusalema lonile kakhulu; ngalokho wasuswa; bonke ababelidumisa balidelela, ngokuba babone ubunqunu balo; yebo wabubula wabuyela emuva.


Ngenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo abachitha igazi labalungileyo phakathi kwalo;


Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.


Sonile, senza ububi, senza okubi, sahlubuka ngokuphambuka emiyalweni yakho nasezimisweni zakho zokwahlulela.


Uma umfowenu, noma indodana kanyoko, noma indodana yakho noma indodakazi yakho, noma umfazi wesifuba sakho noma umngane wakho ofana nomphefumulo wakho, ekuyenga ngasese, ethi: Masihambe, sikhonze abanye onkulunkulu, osibusisile. Akwaziwa, nani noma oyihlo;


Khona-ke abantu bayakuthi: “Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenza nabo ekubakhiphani kwakhe ezweni laseGibithe.”


Bahamba bakhonza abanye onkulunkulu, babakhonza, onkulunkulu ababengabazi, futhi engazange abanike zona.


Bahlabela amadimoni, hatshi uNkulunkulu; konkulunkulu ababengabazi, konkulunkulu abasha abavukile, ababengabesabanga oyihlo.


Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka