Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 42:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Base bethi kuJeremiya: “UJehova uyakuba ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo phakathi kwethu, uma singenzi njengakho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma khona kithina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bathi kuJeremiya: “UJehova makabe ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo ngathi, uma singenzi njengamazwi onke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma nawo kithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 42:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma ucindezela amadodakazi ami, noma uthatha abanye abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.


Basebesithi kuMozisi: Khuluma wena kithi, sizakuzwa; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.


Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.


Ngokuba nakhathazeka ezinhliziyweni zenu lapho ningithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu; njengakho konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, sitshele khona, sikwenze.


U-Azariya indodana kaHoshaya noJohanani indodana kaKhareya nawo onke amadoda azidlayo bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuthi uthi: Ningayi eGibithe ukuba nigogobale khona.


UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho nabo bonke abantu abazange balilalele izwi likaJehova ukuba bahlale ezweni lakwaJuda.


Noma bengathi: Kuphila kukaJehova! impela bafunga amanga.


Lalelani, zizwe zonke; lalela, mhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi uJehova mayibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Kodwa lina lithi: Ngani? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho owaphambuka kuye; nokho ungumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


Ngiyakusondela kinina ngokwahlulelwa; futhi ngiyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nakubafungi bamanga, nalabo abacindezela isiqashwa emholweni wakhe, umfelokazi nezintandane, nomfokazi ophambukayo esandleni sakhe sokunene futhi angesabi. Mina, usho uJehova Sebawoti.


Ngokuba uNkulunkulu engimkhonza ngomoya wami evangelini leNdodana yakhe ungufakazi wami wokuthi angiphezi ukunikhumbula emikhulekweni yami;


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;


Abadala bakwaGileyadi base bethi kuJefta: “UJehova ungufakazi phakathi kwethu, uma singenzi njengokusho kwakho.


Wathi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami. Base bephendula bathi: “Ungufakazi.”


UJonathani wasesithi kuDavida: Hamba ngokuthula, ngoba safunga sobabili ebizweni le Nkosi, sathi: I Nkosi izakuba phakathi kwami lawe kuze kube nininini laphakathi kwenzalo yami lenzalo yakho. Wasuka wahamba, uJonathani wangena emzini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka