Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 39:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwathi uZedekhiya inkosi yakoJuda ebabona lawo wonke amadoda empi, babaleka baphuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi, ngesango phakathi kwezingange zombili, waphuma endleleni yasethafeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Kwathi lapho uZedekiya, inkosi yakwaJuda, nawo wonke amabutho bebabona, baphulukundlela, babaleka ebusuku emizini, bahamba ngendlela yensimu yenkosi, ngesango eliphakathi kwezingange zombili; bahamba ngendlela eya e-Arabha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 39:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Waziqinisa, wakha ugange lonke olwaludiliziwe, waluphakamisa kwaze kwaba semibhoshongweni nolunye ugange ngaphesheya, wabuyisela iMilo emzini kaDavide, wenza imicibisholo nezihlangu ukuba zibe ziningi.


Wenza umsele wamanzi edamu elidala phakathi kwezingange zombili, kepha anizange nibheke umenzi wawo, noma lowo owawabumba kudala.


Zonke izinduna zakho zabaleka kanyekanye, zaboshwa ngabacibishelayo; bonke abafunyanwa kuwe baboshwe kanyekanye, ababalekele kude.


Kodwa ngizayihlupha i-Ariyeli, kube khona ukukhathazeka losizi, njalo lizakuba njengeAriyeli kimi.


UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ngeke aphunyuke esandleni samaKhaledi, kodwa ngokuqinisekile uyonikelwa esandleni senkosi yaseBhabhiloni futhi akhulume nayo umlomo nomlomo, futhi amehlo ayo ayobona amehlo ayo;


Futhi iyoyisa uZedekiya eBhabhiloni, futhi uyohlala lapho ngize ngimvakashele, kusho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela.


Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe, sihambe kuhwalala; bayobhoboza udonga ukuze balikhiphe; uyosibekela ubuso, ukuze angawuboni umhlaba ngamehlo akhe.


Kumelwe ukhiphe impahla yakho phambi kwamehlo abo emini njengento yokumuka; kumelwe uphume kusihlwa phambi kwamehlo abo njengalabo abaphuma ekudingisweni.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Futhi mayelana nalabo kini abasele bephila, ngizothumela ukudangala ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; umsindo weqabunga elikhencezayo uyobasukela; bayakubaleka njengababaleki phambi kwenkemba; bayakuwa uma kungekho obaxoshayo.


Ngakho ukubaleka kwejubane kuyakubhubha, nonamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzisindisa.


UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka