Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 34:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 ukuthi kube yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, kube yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu noma umHeberukazi; ukuze kungabi khona omkhonzayo, umJuda umfowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ukuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu nomHeberukazi, ukuze kungabikho muntu okhonzisa umfowabo kwaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Isimemezelo sokuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, nesigqilakazi sakhe, umHebheru nomHebherukazi, ukuze kungabi bikho muntu ogqilaza umfowabo kwaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 34:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama.


Ngokuba ngempela ngebiwa ezweni lamaHeberu; nalapha angenzanga lutho ukuthi bangangifaka emgodini.


Eseyivula, wabona umntwana, bheka, umntwana wayekhala. Wamhawukela kakhulu, wathi: “Lo ungomunye wabantwana bamaHeberu.”


Kumelwe ufike, wena namadoda amadala akwa-Israyeli, enkosini yaseGibhithe, nithi kuyo: ‘INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, isihlangabeze; manje masihambe, uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.


Ngokuba izizwe eziningi namakhosi amakhulu nabo bayakuzikhonza ngabo, ngibabuyisele njengokwemisebenzi yabo nanjengokwemisebenzi yezandla zabo.


Zonke izizwe ziyomkhonza yena, nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, khona-ke izizwe eziningi namakhosi amakhulu ziyokhonza ngaye.


Ngokuba ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngiyakulaphula ijoka lakhe entanyeni yakho, ngigqabule izibopho zakho, abezizwe bangabe besamkhonza.


Lapho zonke izikhulu nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni bezwa ukuthi, kwaba yilowo nalowo kwakumelwe adedele inceku yakhe nencekukazi yakhe ukuba ihambe, ukuze bangabe besabakhonza, balalela bahambe.


Kodwa niyona, niyeqisa, nalokho nikwenza kubazalwane benu.


BangamaHebheru na? nami nginjalo. Bangama-Israyeli na? nami nginjalo. Bayinzalo ka-Abrahama na? nami futhi.


Uma umfowenu, umHeberu, noma umHeberukazi, ethengiswa kuwe, akukhonze iminyaka eyisithupha; khona-ke kumelwe umkhulule kuwe ngomnyaka wesikhombisa.


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;


Base bezibonakalisa bobabili endaweni yabalindi yamaFilisti; amaFilisti athi: “Bheka, amaHeberu aphuma emigodini abecashe kuyo.”


Lapho amaFilisti esizwa izwi lokukhamuluka athi: “Uthini umsindo walokhu kumemeza okukhulu ekamu lamaHeberu na?” Base beqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.


Qinani, nime njengamadoda, nina maFilisti, ukuze ningawakhonzi amaHeberu njengalokho ekhonza kini;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka