Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 20:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Khona-ke uPhashuri wamshaya umprofethi uJeremiya wamfaka esitokisini esasisesangweni eliphakeme lakwaBhenjamini elalisendlini kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 UPhashuri wamshaya uJeremiya, umphrofethi, wamfaka ejele elalingasesangweni elingenhla kwakwaBhenjamini, ngasendlini kaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 20:2
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi uJerobowamu isizwile izwi lomuntu kaNkulunkulu owamemeza emelene ne-altare eBethele, yelula isandla sakhe e-altare, yathi: “Mbambe.” Isandla sakhe aselulele kuye soma, wangabe esakwazi ukusibuyisela kuye.


Wathi: “Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lo muntu etilongweni, nimundle ngesinkwa sokuhlupheka namanzi osizi, ngize ngibuye ngokuthula.


U-Asa wayesemthukuthelela umboni, wamfaka etilongweni; ngoba wayemthukuthelele ngale ndaba. U-Asa wacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.


UZedekhiya indodana kaKhenana wasesondela, wamtshaya uMikha esihlathini, wathi: UMoya weNkosi usuke kimi ngayiphi indlela ukuyakhuluma kuwe?


Bamakhela uzungu, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Futhi wafaka izinyawo zami ogodweni futhi manje ubheka zonke izindlela zami; wafaka umbhalo ezithendeni zezinyawo zami.


Ufaka izinyawo zami engongolweni, uthengisa zonke izindlela zami.


Futhi bayokulwa nawe; kepha aziyikukuhlula; ngoba mina nginawe, usho uJehova, ukuze ngikusindise.


Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lokho, zenyuka zisuka endlini yenkosi zaya endlini kaJehova zahlala phansi ngasemnyango wesango elisha lendlu kaJehova.


Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuthi akukhulume ebantwini bonke, abapristi labaprofethi labantu bonke bamthatha bathi: Uzakufa lokufa.


INkosi ikumise ube ngumpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuba ube ngababonisi endlini kaJehova, ngokuba noma ngubani ohlanyayo azenze umprofethi uyakumfaka etilongweni nasezitokisini.


Inkosi yayala uJerakimeli indodana yenkosi, noSeraya, indodana ka-Asiriyeli, noShelemiya, indodana ka-Abideyeli, ukuba babambe uBharuki umbhali noJeremiya umprofethi; kepha uJehova wabafihla.


Kwathi esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona induna yabalindi, igama layo lingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba umprofethi uJeremiya, yathi: “Niwela kumaKaledi.


Inkosi uZedekhiya yasilaya ukuthi bamngenise uJeremiya egcekeni letilongo, bamnike ucezu lwesinkwa esiphuma esigcawini sababhaki, size siphele sonke isinkwa emzini. Ngakho uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Izwe lonke liyakuguqulwa libe njengethafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni eningizimu yeJerusalema; liyophakanyiswa, lihlalwe endaweni yalo, kusukela eSangweni lakwaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lokuqala, kuze kufike eSangweni Legumbi naseMbhoshongweni. Kusukela kuHananeli kuze kufike ezikhamweni zewayini zenkosi.


Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.


Basebebabamba, babafaka entolongweni kwaze kwaba ngakusasa, ngoba kwasekuhlwile.


bababeka izandla abaphostoli, babafaka etilongweni labantu bonke.


Basebemvumela; sebebabiza abaphostoli, babatshaya, babalaya ukuthi bangakhulumi ngebizo likaJesu, babakhulula.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;


Ngabona owesifazane edakwe yigazi labangcwele, negazi labafakazi bakaJesu;


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka