Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 2:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 “Nganingenisa ezweni elinala, ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho ningena, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo, kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 2:7
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathatha imizi eqinile nezwe elivundile, badla izindlu ezigcwele konke, imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi yezithelo ngobuningi; badla, basutha, bakhuluphala, bajabula ngobuhle bakho obukhulu.


Kodwa kabalalelanga, bakuhlubuka, baphosela umlayo wakho ngemva kwemihlane yabo, bababulala abaprofethi bakho ababefakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izinengiso ezinkulu.


INkosi yamabandla izababusisa ngokuthi: Babusisiwe abantu bami iGibhithe, lomsebenzi wezandla zami iAsiriya, lelifa lami uIsrayeli.


Ngiyakubuyisela kabili ububi babo nesono sabo kuqala; ngoba balingcolisile izwe lami, bagcwalise ifa lami ngezidumbu zezinengiso zabo nezinengiso zabo.


Bathi: “Uma indoda ilahla umkayo, bese emlahla, abe ngowenye indoda, ingabe isabuyela kuye na? ngeke yini lowo mhlaba ungcoliswe kakhulu? kepha wena ufebile nezithandwa eziningi; buyelani kimi,” usho uJehova.


Phakamisela amehlo akho ezindaweni eziphakemeyo, ubone lapho ongazange ube namanga khona. Wahlala phansi ngenxa yabo ezindleleni njengomArabiya ehlane; futhi ulingcolisile izwe ngobufebe bakho nangobubi bakho.


Kwasekusithi ngobubi bobufebe balo, langcolisa ilizwe, laphinga lamatshe langezinduku.


Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela phambi kwami kwasebusheni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunule ngomsebenzi wezandla zabo kuphela,” usho uJehova.


ngokuba abagcinanga izimiso zami, badelela izimiso zami, bawona amasabatha ami, amehlo abo alandela izithombe zawoyise.


Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ningikhohliwe, ningilahle ngemuva kwakho, nithwale ihlazo lakho nobufebe bakho.


Ndodana yomuntu, lapho indlu yakwa-Israyeli isahlezi ezweni layo, yalingcolisa njengezindlela zayo nangezenzo zayo;


Abayikuhlala ezweni likaJehova; kepha u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, badle okungcolileyo e-Asiriya.


Sukumani nihambe; ngoba kayisikho ukuphumula kwenu; ngoba ingcolisiwe, izalichitha, yebo ngencithakalo enkulu.


Bamtshela bathi: “Sifikile ezweni owasithuma kulo, futhi lichichima ubisi nezinyosi; lesi yisithelo sawo.


Isidumbu sakhe akumelwe sihlale esihlahleni ubusuku bonke, kodwa kumelwe umngcwabe ngalolo suku; (ngokuba olengiswayo uqalekisiwe nguNkulunkulu;) ukuze lingangcoliswa izwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho.


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; UJakobe uyisiphetho sefa lakhe.


Uyakwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kukuhambele kahle, ungene ulidle izwe elihle uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka