Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 17:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wena ntaba yami yasendle, ngiyakunikela impahla yakho nengcebo yakho yonke kube yimpango, nezindawo zakho eziphakemeyo ukuba zone kuzo zonke imikhawulo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Intaba yami ezweni, impahla nengcebo yenu yonke ngiyakukunikela kube yimpango, kanye nezindawo zenu eziphakemeyo ngenxa yezono ezifundeni zenu zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 17:3
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova, nengcebo yendlu yenkosi, nazo zonke izitsha zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezenzile ethempelini likaJehova, wazihlahlela zaba yizicucu kusho uJehova.


Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo.


Ngalokhu ububi bukaJakobe buyakuhlanjululwa; futhi lokhu kuyizithelo zonke zokususa isono sakhe; uma enza wonke amatshe e-altare abe njengelitshe lomcako eliphukile, iziqu zemithi nezithombe ngeke zime.


Abachithi sebefikile ezindaweni zonke eziphakemeyo ehlane, ngokuba inkemba kaJehova iyakuqeda kusukela komunye umkhawulo wezwe kuze kube komunye umkhawulo wezwe; akukho nyama eyoba nokuthula.


Impahla yenu nengcebo yenu ngiyakunikela ngesihle empangweni, nalokhu ngenxa yezono zenu zonke, nakuyo yonke imikhawulo yenu.


Ngaphezu kwalokho, ngiyonikela ngawo wonke amandla alo muzi nawo wonke umshikashika wawo nazo zonke izinto zawo eziyigugu nayo yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda ngiyoyinikela esandleni sezitha zawo eziyokuphanga futhi ziwathathe babayise eBhabhiloni.


“Bheka, nginakho ngawe wena ohlala esigodini nasedwaleni lasethafeni,” usho uJehova; othi: Ngubani ozakusamela? Ngubani oyakungena ezindlini zethu na?


UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba; nentaba yendlu injengeziqongo zehlathi.


Isitha selulele isandla saso phezu kwazo zonke izinto zalo ezithandekayo, ngoba libona ukuthi abezizwe babengena endlini yalo engcwele, owazilaya ukuthi bangangeni ebandleni lakho.


Futhi ngiyokunikela esandleni sabo, futhi bayodiliza indawo yakho eyisiduli, badilize izindawo zakho eziphakemeyo; futhi bayokuhlubula izingubo zakho bakuthathele amagugu akho amahle bakushiye unqunu futhi obala.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakukhuphulela isixuku ukuba silwe nabo, ngibanike ukuba basuke, bachithe.


Uthi: ‘Zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova; Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba namagquma, imifula nezigodi; bheka, ngiyakwehlisela inkemba phezu kwenu, ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo;


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume izinsika zenu ezingcwele, ngiphonse izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu, umphefumulo wami unengeka nina.


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Ngalokho impahla yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo zibe yihlane; bayakwakha izindlu, kepha bangahlali kuzo; bayakutshala izivini, kepha bangaphuzi iwayini lazo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka