Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 13:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yisho enkosini nasendlovukazini ukuthi: ‘Zithobeni, nihlale phansi, ngokuba ababusi benu bayakwehla, umqhele wodumo lwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 13:18
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma, waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinceku zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Yamthumba uJehoyakini yamyisa eBabele, nonina wenkosi, nabafazi benkosi, nezinceku zayo, nabanamandla bezwe, yabathumba eJerusalema yabayisa eBabele.


Lapho esosizini, wancenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


Nomkhuleko wakhe nokuthi uNkulunkulu wezwakala kanjani kuye, nazo zonke izono zakhe, neziphambeko zakhe, nezindawo akhe kuzo izindawo eziphakemeyo, wamisa iziqu zemithi engcwele nemifanekiso ebaziweyo, ngaphambi kokuba athotshiswe; bheka, kulotshiwe phakathi kwezahlulelo zababoni.


Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho wazithoba uManase uyise; kepha u-Amoni wona ngokwandayo.


OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.


nesigqoko selineni elicolekileyo nezigqoko zelineni elicolekileyo nezibhulukhwe zelineni elicolekileyo elisontiwe;


Ngokuba ingcebo ayihlali phakade, nomqhele ungahlala ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


izigqoko nemihlobiso yemilenze, namabhande, namatafula, namasongo endlebe;


Amasango akhe ayakulila, alile; loyincithakalo uzahlala emhlabeni.


Yehla, uhlale othulini, ntombi, ndodakazi yaseBabele, hlala phansi; asikho isihlalo sobukhosi, ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile futhi uthambile.


Kuphila kwami, usho uJehova, noma uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebeyindandatho yophawu esandleni sami sokunene, bengiyakukukhipha khona;


Futhi ngiyokuxosha wena nonyoko owakuzalayo niyise kwelinye izwe lapho ningazalelwanga khona; futhi lapho uyofela khona.


(Ngemva kwalokho inkosi uJekoniya, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nababazi nabakhandi baphuma eJerusalema;)


Kwathi sebezwile wonke amazwi, besaba bobabili, bathi kuBharukhi: Sizakhuluma lokukhuluma wonke lamazwi enkosini.


Bonke ubuhle bayo buphumile endodakazini yaseSiyoni;


Ukungcola kwakhe kusezigqokweni zakhe; akacabangi ngesiphetho sakhe sokugcina; ngakho lahamba ngokumangalisayo, lingelamduduzi. Jehova, bheka usizi lwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; bazithela ngothuli emakhanda abo; babhinca izingubo zokulila; izintombi zaseJerusalema zilengisa amakhanda azo emhlabathini.


Umqhele uwile emakhanda ethu; maye kithina ukuthi sonile!


Ngafaka itshe ebunzini lakho namacici ezindlebeni zakho nomqhele omuhle ekhanda lakho.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, ukhumule umqhele; akuyi kufana: phakamisani ophansi, nehlise ophakeme.


Yeka ukukhala, ungamlileli ofileyo, bopha ibhande lekhanda lakho phezu kwakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungazimbozi izindebe zakho, ungadli isinkwa sabantu.


Izibopho zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo zenu ezinyaweni zenu; aniyikukhala, ningakhali; kodwa niyolila ngobubi benu, nilile omunye nomunye.


Kumelwe babe namabhande elineni emakhanda abo namabhulukwe elineni okhalweni; bangase bangabhinci noma yini ebangela umjuluko.


Kodwa lapho inhliziyo yakhe izikhukhumezile futhi ingqondo yakhe isilukhuni ngokuzidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, futhi basusa udumo lwakhe kuye.


Ngokuba izwi lafika enkosini yaseNineve, yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo kuyo, yembathisa indwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguye omkhulu embusweni wezulu.


Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa.


Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esilamandla, ukuze azaliphakamisa ngesikhathi esifaneleyo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka