Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UHezekeli 1:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwi likaJehova lafika ngokuqondile kuHezekeli umpristi, indodana kaBusi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari; isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UHezekeli 1:3
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isandla sikaJehova sasiphezu kuka-Eliya; wabopha ukhalo lwakhe, wagijima phambi kuka-Ahabi kwaze kwaba sekungeneni kwaseJizreyeli.


Kodwa khathesi ngilethele umfundisi. Lapho isikhonzi sidlala, isandla sikaJehova saba phezu kwakhe.


Ngasemifuleni yaseBabele lapho sahlala khona, yebo, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.


okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe.


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Ngokuba nithi: ‘UJehova wasivusela abaprofethi eBabele;


Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu, ngenyanga yesine, ngolwesihlanu lwenyanga, ngiphakathi kweziboshwa ngasemfuleni iKebari, lavuleka izulu, ngabona imibono kaNkulunkulu.


Amakherubi aziphakamisa; Lesi yisidalwa esiphilayo engasibona emfuleni iKhebari.


Futhi ngiyozendlala phezu kwayo, futhi iyobanjwa ngenetha lami; ngiyakumyisa eBabele ezweni lamaKaledi; nokho akayikuyibona, noma efela khona.


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Ngase ngifika kwabadingisiwe eThelabibi ababehlala ngasemfuleni iKhebari, ngahlala lapho ababehlezi khona, ngahlala phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami lapho; yasisithi kimi: Sukuma, uye ethafeni, ngizakhuluma lawe khona.


Ngasukuma ngaphuma ngaya ethafeni, bheka, inkazimulo kaJehova yayimi lapho, njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa, bengakafiki abakhululwayo; wavula umlomo wami, waze weza kimi ekuseni; umlomo wami wavuleka, angibange ngisaba yisimungulu.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka esigodini esigcwele amathambo;


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu wokuthunjwa kwethu, ekuqaleni konyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku isandla sikaJehova saba phezu kwami, wangiyisa khona.


Kwakunjengokubonakala kombono engawubonayo, njengombono engawubona lapho ngifika ukuchitha umuzi; ubuso babunjengobuso engabubona emfuleni iKhebari; ngase ngiwa ngobuso.


Kwathi ngomnyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngolwesihlanu lwenyanga, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela phezu kwami khona.


Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala ngiseceleni komfula omkhulu oyiHidekeli;


Izwi likaJehova elafika kuHosheya indodana kaBeri emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPetuweli.


Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;


Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka