Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 9:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakukhumbula isivumelwano sami esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; futhi amanzi ngeke esaba uzamcolo wokubhubhisa yonke inyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 bese ngikhumbula isivumelwano sami phakathi kwami nani nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo. Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo wokucekela phansi konke okuphilayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 9:15
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.


nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezikanye nani; kubo bonke abaphuma emkhunjini, kuzo zonke izilwane zomhlaba.


Ngiyakuqinisa isivumelwano sami nawe; futhi yonke inyama ayisayikunqunywa ngamanzi kazamcolo; futhi ngeke kusaba khona uzamcolo wokubhubhisa umhlaba.


Uma ngehlisela ifu phezu komhlaba, uthingo luyobonakala efwini;


Wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini naphansi emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa ezincekwini zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo.


Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, makungabi kuncane konke ukuhlupheka phambi kwakho osehlele, phezu kwamakhosi ethu, naphezu kwezikhulu zethu, naphezu kwabapristi bethu. Naphezu kwabaprofethi bethu, naphezu kwawobaba, naphezu kwabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Wasikhumbula isivumelwano sakhe kubo, waphenduka ngokobukhulu besihe sakhe.


Kumelwe ubeke amatshe amabili emahlombe endwangu yamahlombe abe amatshe esikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni kumelwe athwale amagama abo phambi kukaJehova emahlombe akhe omabili abe yisikhumbuzo.


Ungasinyanyi ngenxa yegama lakho, ungasijabhisi isihlalo sobukhosi senkazimulo yakho; khumbula, ungaphuli isivumelwano sakho nathi.


Kepha mina ngiyakukhumbula isivumelwano sami nawe ezinsukwini zobusha bakho, ngikumisele isivumelwano esiphakade.


Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele;


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka