Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 7:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Yafa yonke inyama enwabuzelayo emhlabeni, izinyoni, nezinkomo, nezilwane, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Kwafa konke okuphilayo emhlabeni: wena nyoni, wena nkomo, wena silo, wena silwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 7:21
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wazenza izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.


Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.


Bese nginisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi zonke izinto eziphilayo engizenzile ngizozibhubhisa emhlabeni.


Yonke inyama iyobhubha kanyekanye, futhi umuntu uyobuyela othulini.


Umhlaba ubhidlizwa ngokuphelele, umhlaba uyachithwa ngokuphelele, umhlaba uyanyakaza ngokumangalisayo.


Ngakho isiqalekiso siwudlile umhlaba, nabakhileyo kuwo bachithekile; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusele abantu abambalwa.


Ngalokho izwe liyakukhala, bonke abakhileyo kulo badangale, nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, ngisho nezinhlanzi zolwandle ziyosuswa.


Umlilo udla phambi kwabo; futhi emva kwabo ilangabi liyavutha; izwe linjengensimu yase-Edene phambi kwabo, futhi emva kwabo ugwadule lwasendle; yebo, futhi akukho lutho oluyophunyuka kubo.


Ngiyakuqeda abantu nezilwane; ngiyakuqeda izinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nezikhubekiso zababi; futhi ngiyonquma umuntu ezweni,” kusho uJehova.


futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.


Ngoba okudaliweyo kwabekwa ngaphansi kobuze, kungeyisikho ngokuthanda, kodwa ngaye owakuthobisayo ethembeni;


Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye futhi kunemihelo kuze kube manje.


futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka