Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 7:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi uJehova kuNowa: “Ngena emkhunjini wena nendlu yakho yonke; ngoba ngikubonile ulungile phambi kobuso bami kulesisizukulwana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 7:1
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa ngizamisa isivumelwano sami lawe; uyakungena emkhunjini, wena namadodana akho nomkakho nabafazi bamadodana akho kanye nawe.


Lezi ziyizizukulwane zikaNowa: UNowa wayeyindoda elungile, engenasici esizukulwaneni sakhe; uNowa wahamba noNkulunkulu.


Ngalolo suku uNowa, uShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi abathathu bamadodana akhe kanye nabo, bangena emkhunjini;


UNowa wangena emkhunjini, namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe kanye naye, emkhunjini ngenxa yamanzi kazamcolo.


Futhi ngangiqotho phambi kwakhe, ngazilinda ebubini bami.


Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka; kepha ohlanekezela izindlela zakhe uzokwaziwa.


Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla, nabantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Funani iNkosi, nonke bathobekileyo bomhlaba, ekwenzile ukwahlulela kwayo; funani ukulunga, funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lwentukuthelo kaJehova.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka