Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Umhlaba wawonakele phambi kukaNkulunkulu, futhi umhlaba wawugcwele ubudlwangudlwangu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 6:11
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayeyiphisi elilamandla phambi kweNkosi; ngakho-ke kuthiwa: NjengoNimrode, umzingeli onamandla phambi kweNkosi.


Kodwa abantu baseSodoma babebabi kakhulu futhi beyizoni kakhulu phambi kukaJehova.


UNowa wazala amadodana amathathu: uShemi, noHamu, noJafete.


Wayesethi uJehova kuNowa: “Ngena emkhunjini wena nendlu yakho yonke; ngoba ngikubonile ulungile phambi kobuso bami kulesisizukulwana.


Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho wezwa amazwi akhe ngale ndawo nabakhileyo kuyo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami; nami nginizwile,” usho uJehova.


UJehova uyamhlola olungileyo, kepha omubi nabathanda ubudlwangudlwangu bayawuzonda umphefumulo wakhe.


Makungabikho mhlebi oqiniswa emhlabeni; okubi kuyakuzingela umcindezeli ukuba ambhubhise.


Chitha, Nkosi, uhlukanise izilimi zabo, ngokuba ngibonile ubudlova nokuxabana emzini.


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba, wehle; ngoba abantu bakho owabakhupha elizweni leGibhithe bazichithile.


Ubudlova abuyikuzwakala ezweni lakho, ukuchithwa nokuchithwa emikhawulweni yakho; kodwa uyakubiza izindonga zakho ngokuthi iNsindiso namasango akho ngokuthi iNdumiso.


Njengomthombo uthulula amanzi awo, kanjalo uyathulula ububi bawo; ubudlova nempango kuzwakala kulo; phambi kwami kukhona usizi namanxeba njalo.


Ngobuningi bezinto zakho ezithengiswayo bagcwalise phakathi kwakho ngobudlova, wonile; ngakho-ke ngiyokulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu; futhi ngizokubhubhisa, kherubi elisibekelayo, usuke phakathi kwamatshe omlilo.


Wayesethi kimi: “Uyakubona lokhu, ndodana yomuntu na? Kuyinto elula yini kuyo indlu yakwaJuda ukuthi yenze izinengiso ezenzayo lapha na? ngokuba bagcwalisa izwe ngobudlova, babuyela ukungiklolodela; bheka, babeka ihlumela emakhaleni abo.


O Jehova, koze kube nini ngikhala, kodwa ungezwa! ngisho nakubizela ebudloveni, kodwa ngeke ukhulule!


Ngoba ubudlova baseLebanoni buyosibekela wena nempango yezilwane eziyethusayo ngenxa yegazi labantu nangenxa yobudlova bezwe, bomuzi nabo bonke abahlala kuwo.


Ngenxa yokuthi uye waxhaphaza izizwe eziningi, yonke insali yezizwe iyokuphanga; ngenxa yegazi labantu, nangenxa yobudlova bezwe, nomuzi, nabo bonke abahlala kuwo.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Ngokuba akusibo abezwa umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa.


Khathesi siyazi ukuthi konke okutshoyo umlayoukutsho kwabangaphansi komlayo, ukuze yonke imilomo ivinjwe, lokuthi umhlaba wonke ube lecala phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyozibhubhisa ngokuphelele, futhi niyophambuka endleleni enganiyala ngayo; ububi buyakukwehlela ekupheleni kwezinsuku; ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimcunule ngomsebenzi wezandla zenu.


Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka