Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 50:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni lami engazimbela lona ezweni laseKhanani, lapho uyakungimbela. Manje-ke ake ngikhuphuke ngingcwabe ubaba, futhi ngizobuya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ubaba wangifungisa wathi: ‘Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo.’ Ngalokho ake ngikhuphuke, ngimmbele ubaba, bese ngibuya.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 ‘Ubaba wangifungisa wathi: “Sengizokufa. Uyabona-ke, ubongingcwaba ethuneni lami engazimbela lona eKhanani.” Bengicela ukuba ngidedelwe ngihambe ngiyongcwaba ubaba, bese ngibuya.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 50:5
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Bheka, ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sengiyafa, uNkulunkulu uyakuninakekela nokuninakekela, anikhiphe kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Kwathi seziphelile izinsuku zokulila kwakhe, uJosefa wakhuluma endlini kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, khulumani ezindlebeni zikaFaro, nithi:


Wayesethi uFaro: “Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe.”


Bammbela emathuneni akhe ayemenzele wona emzini kaDavide, bamlalisa embhedeni ogcwele iziqholo nezinhlobo zonke zamakha alungiselwe ubuciko babathaki; futhi bamenzela umlilo omkhulu kakhulu.


Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo.


Igazi labo balichitha njengamanzi nxazonke zeJerusalema; futhi kwakungekho muntu wokungcwaba.


Futhi lapho besaba abaphezulu, futhi ukwesaba kuyoba endleleni, futhi um-alimondi uyoqhakaza, nesikhonyane siyakuba ngumthwalo, futhi ukufisa kuyaphela; ngokuba umuntu uya endlini yakhe ende, nabalilayo bahamba ezitaladini;


Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, nomphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa; Ngithi, ukuzalwa okungakafiki kuhle kunaye.


Yini onayo lapha? Ungubani wena lapha, ukuthi uzimbele ithuna lapha, njengalokhu ezigenca ithuna phezulu, ezigenca indawo yokuhlala edwaleni, na?


Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka.


Kodwa kufanele ngifele kuleli zwe, angiyikuwela iJordani; kepha niyakudabula, nilidle lelo zwe elihle.


USawuli wasesithi kuJonathani: Ngitshele ukuthi wenzeni. UJonathani wamtshela wathi: “Nginambithe uluju oluncane ngesihloko sodondolo olusesandleni sami; bheka, ngiyakufa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka