Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 50:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Abakhileyo kulelo zwe, amaKhanani, bebona ukulila ebaleni lika-Athadi, bathi: “Lokhu kuyisililo esikhulu samaGibithe; ngalokho igama laso laqanjwa ngokuthi i-Abela Mizirayimi engaphesheya kweJordani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abakhileyo ezweni, amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Hathadi bathi: “Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi* elingaphesheya kweJordani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Abakhileyo eKhanani bezwa leso sililo eGoreni Hathadi, bathi: “Saze sasikhulu isililo sabantu baseGibhithe bo!” Ngakho-ke bayiqamba leyo ndawo engaphesheya komfula iJordani ngokuthi kuse-Abeli Mizirayimi, okusho ukuthi yiSililo sabaseGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 50:11
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaba khona ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bemfuyo kaLoti; kwase behlala ezweni amaKhanani namaPherizi.


U-Abhrahama wasesithi kuye: Qaphela ukuthi ungayibuyiseli khona indodana yami.


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.


Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


Amadodana akhe enza kuye njengokuyala kwakhe;


Azikho yini ngaphesheya kweJordani endleleni eya ekushoneni kwelanga ezweni lamaKhanani akhileyo ekamu malungana neGiligali ngasemathafeni aseMore na?


Ake ngiwele ngibone izwe elihle ngaphesheya kweJordani, intaba enhle neLebanoni.


Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, ukubone ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.


namagundane egolide ngokwesibalo semizi yonke yamaFilisti eyezikhulu eziyisihlanu, imizi ebiyelweyo neyasemaphandleni, kwaze kwaba etsheni elikhulu lika-Abela abawubeka phezu kwalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova. NKOSI itshe elisekhona nanamuhla esiqeshini sezwe likaJoshuwa waseBeti Shemi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka