Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 48:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Mina-ke, ekuphumeni kwami ePhadani, uRaheli wafa nami ezweni laseKhanani endleleni, kusekude ukuba ngifike e-Efrati; ngammbela lapho endleleni yase-Efrati; okuyiBetlehema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Lapho ngisesendleleni ngivela ePhadani Aramu, uRaheli wafela eKhanani kuselibangana ukufinyelela e-Efratha, ngase ngimngcwaba khona lapho eceleni kwendlela eya e-Efratha,” (eliyiBhethlehema).

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 48:7
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.


UJakobe wafika eSalema, umuzi wakwaShekemi, osezweni laseKhanani, ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.


UJakobe wamisa itshe lesikhumbuzo phezu kwethuna lakhe; liyitshe lesikhumbuzo sethuna likaRaheli kuze kube lamuhla.


UNkulunkulu waphinda wabonakala kuJakobe ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu, wambusisa.


Futhi inzalo yakho oyoyizala ngemva kwabo iyoba ngeyakho futhi ibizwe ngegama labafowabo efeni layo.


Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Kwezwakala izwi eRama, ukulila nokukhala nokulila okukhulu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe, engafuni ukududuzwa, ngokuba bengasekho.


Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.


Kwakukhona umuntu othile waseRamatayimi-sofi, wasezintabeni zakwa-Efrayimi, ogama lakhe lalingu-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Elihu, indodana kaThohu, indodana kaSufi, wakwa-Efrayimi.


Lapho nisuka kimi namuhla niyakufumana amadoda amabili ethuneni likaRaheli emngceleni wakwaBenjamini eSelsa; bayakuthi kuwe: Izimbongolo obuye ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo waziyeka izimbongolo, wadabuka ngawe, wathi: ‘Ngiyakwenze njani ngendodana yami na?’


USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?


UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka