Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 47:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Sase sisondela isikhathi sokuthi u-Israyeli afe; wabiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, beka isandla sakho ngaphansi kwenyonga yami, ungenzele umusa neqiniso; ungangingcwabi eGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 Zasondela izinsuku zika-Israyeli zokuba afe, wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuyo: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngiyakucela, faka isandla sakho phansi kwethanga lami, bese ungethembisa ukuthi uyongenzela umusa neqiniso. Uze ungangingcwabi lapha eGibhithe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 47:29
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi u-Abrahama encekwini yakhe endala yendlu yakhe ebusa phezu kwakho konke anakho: “Beka isandla sakho ngaphansi kwenyonga yami.


Futhi uma manje nithanda ukwenza umusa neqiniso enkosini yami, ngitsheleni; uma kungenjalo, ngitshele; ukuthi ngijike kwesokudla noma kwesobunxele.


Wathi: “Bheka, sengimdala, angilwazi usuku lokufa kwami.”


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; oyise ezinsukwini zokuhambela kwabo.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Bheka, ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


Amadodana akhe enza kuye njengokuyala kwakhe;


Ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni lami engazimbela lona ezweni laseKhanani, lapho uyakungimbela. Manje-ke ake ngikhuphuke ngingcwabe ubaba, futhi ngizobuya.


Ngoba kufanele sife futhi sinjengamanzi achitheke emhlabathini, angeke aphinde aqoqwe; futhi uNkulunkulu akahloniphi muntu; nokho uceba icebo ukuze abathunjwa bakhe bangaxoshwa kuye.


Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise eliseBhetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, bafika eHebroni ekuseni kakhulu.


Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.


Zase zisondela izinsuku zikaDavide zokufa kwakhe; wayala uSolomoni indodana yakhe, wathi:


Uma umuntu efa, uyobuye aphile? zonke izinsuku zesikhathi sami esimisiwe ngiyakulinda kuze kufike ukuguqulwa kwami.


Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo.


Akakho isikhathi esimisiweyo somuntu emhlabeni na? Izinsuku zakhe azinjengezinsuku zomuntu okhokhelwayo na?


Akekho kubo ongahlenga umfowabo nhlobo futhi angamniki uNkulunkulu isihlengo ngaye.


Ukuthi uzaphila phakade njalo angaboni ukubhujiswa.


Ngokuba ekufeni akukho ukukukhumbula; ngubani oyakukudumisa eHayidese na?


Ngubani lo ongayikubona ukuphila lokufa? Ingabe uyowusindisa umphefumulo wakhe esandleni seHayidese? Sela.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zisondele ukuba ufe; wamemeza uJoshuwa, nimisa etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale. OMose noJoshuwa bahamba, babangenisa etendeni lokuhlangana.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.


Ngokholo uJosefa esefile wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakoIsrayeli; walaya ngamathambo akhe.


Njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa;


Ayesephendula amadoda kuye, athi: “Siphila ngowakho, uma ungayikhulumi indaba yethu.” Futhi uma uJehova esinika izwe, sizokwenzela umusa neqiniso kuwe.


Bhekani, namuhla ngihamba ngendlela yomhlaba wonke, niyazi ngenhliziyo yenu yonke nangomphefumulo wenu wonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle uJehova uNkulunkulu wenu azikhulumile ngani; konke kwenzeke kuwe, akuphuthanga nento eyodwa kukho.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya; ukuthi usuku lwakhe lokufa luyafika yini; noma ehle empini abhubhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka