Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 46:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyithole ezweni laseKhanani, bafika eGibhithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Baqhuba yonke imihlambi yabo, bathatha nempahla yonke ababeyithole eKhanani, uJakobe wakhukhula naso sonke isizukulwane sakhe baze bayofika eGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 46:6
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi ku-Abrama: “Yazi nokwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba ngabafokazi ezweni elingesilo elayo, ibakhonze; bayakubacindezela iminyaka engamakhulu amane;


Amadodana akhe namadodana amadodana akhe kanye naye, amadodakazi akhe namadodakazi amadodana akhe nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibhithe.


U-Israyeli wafika eGibithe; uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Abantu bami behlela eGibithe ukuba bagogobale khona; umAsiriya wabacindezela ngaphandle kwesizathu.


Okhokho bethu behlela eGibhithe, futhi sahlala isikhathi eside eGibhithe; abaseGibithe basicunula nawobaba.


UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu;


Oyihlo behlela eGibhithe namadoda angamashumi ayisithupha; manje uJehova uNkulunkulu wakho unenze ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.


Ngamnika u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; kepha uJakobe kanye nabantwana bakhe behlela eGibithe.


Kwathi uJakobe engena eGibithe, oyihlo bakhuleka kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni, bakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka