Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 44:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Sathi enkosini yami: ‘Sinobaba ixhegu, nomntwana wobungane bakhe omncane; umfowabo wafa, yena wasala yedwa kunina, uyise wamthanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Sase sithi enkosini yami: ‘Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Sathi enkosini yami: ‘Sinaye ubaba osekhulile, nendodana esencane ayizala esegugile. Umfowabo sewafa, sekusele yona yodwa esiswini sikanina futhi uyise uyayithanda.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 44:20
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi umphefumulo wakhe usaphuma, ngokuba wafa, waqamba igama layo ngokuthi uBenoni; kepha uyise wayiqamba ngokuthi uBenjamini.


Basebekhulumisana besithi: Khangelani, nangu umphuphi esiza.


U-Israyeli wamthanda uJosefa ngaphezu kwabo bonke abantwana bakhe, ngokuba wayeyindodana yobudala bakhe; wamenzela ingubo enemibala eminingi.


Bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba namuhla, enye ayikho.


Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Nginiphucile abantwana bami; UJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, nizomsusa noBenjamini; zonke lezi zinto zimelene nami.


Wayesethi: “Indodana yami ayinakwehla nani; ngoba umfowabo ufile, yena usesele yedwa; uma emehlelwa okubi endleleni enihamba ngayo, niyokwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.


Amadodana kaBhenjamini kwakunguBhela, noBhegeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRose, noMuphimi, noHupimi, no-Ardi.


Juda, wena oyakubabonga abafowenu; isandla sakho siyakuba sentanyeni yezitha zakho; abantwana bakayihlo bazakukhothamela.


Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka