Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 41:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

41 UFaro wasesithi kuJosefa: Khangela, ngikumisile phezu kwelizwe lonke leGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Wathi uFaro kuJosefa: “Bheka, sengikubeke phezu kwezwe lonke laseGibithe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

41 UFaro wathi kuJosefa: “Uyabona-ke, ngikubeka phezu kwalo lonke iGibhithe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 41:41
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; futhi noma yini ababeyenza lapho, wayeyenza.


Kusukela esikhathini eyambeka ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wayibusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasiphezu kwakho konke okwayo endlini nasensimini.


UFaro wasesithi kuJosefa: Mina nginguFaro; ngaphandle kwakho kakho ongaphakamisa isandla sakhe loba unyawo lwakhe elizweni lonke leGibhithe.


UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi.


Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.


Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayengowesibili kwenkosi u-Ahashiveroshi, emkhulu phakathi kwabaJuda, wathokozisa uquqaba lwabafowabo, wafuna ingcebo yabantu bakhe, wakhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yakhe.


Wammisa ukuba abe yinkosi phezu kwendlu yakhe nombusi phezu kwakho konke anakho.


Inceku ehlakaniphileyo iyobusa phezu kwendodana ehlazisayo, futhi iyoba nesabelo sefa phakathi kwabafowabo.


Uyambona umuntu okhuthele emsebenzini wakhe? uyakuma phambi kwamakhosi; angeke ame phambi kwabantu abakhohlakele.


Ngokuba uphuma etilongweni ukubusa; kanti ozelwe embusweni wakhe uba mpofu.


Inkosi yasimphakamisa uDaniyeli, yamupha izipho ezinkulu ezinengi, yammisa waba ngumbusi phezu kwesifunda sonke saseBhabhiloni lenduna yababusi phezu kwabo bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni.


Khona-ke lo Daniyeli wakhethwa ngaphezu kwabongameli nezikhulu, ngoba umoya omuhle kakhulu wawukuye; inkosi yacabanga ukummisa phezu kombuso wonke.


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka