Kukhona indoda embusweni wakho onomoya wawonkulunkulu abangcwele; nasemihleni kayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha konkulunkulu; owabeka inkosi, uyihlo uNebukadinesari, inkosi, ngithi uyihlo abe yinkosi yabathakathi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola;