Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 37:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho abafowabo bebona ukuthi uyise wayemthanda ngaphezu kwabo bonke abafowabo, bamzonda futhi babengakwazi ukukhuluma naye ngokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Abafowabo bakubona ukuthi uyise umthanda kunabo bonke abafowabo, ngakho-ke bamzonda, futhi ababe besakwazi ukukhuluma kahle naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 37:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.


Abafowabo basebemhawukela; kodwa uyise waligcina ilizwi.


UJosefa waphupha iphupho, walitshela abafowabo, basebemzonda kakhulu.


Kodwa akazange amnake uKhayini nomhlatshelo wakhe. UKayini wathukuthela kakhulu, ubuso bakhe bawa.


Abacibishelayo bamdabukisa kakhulu, bamdubula, bamzonda.


Kodwa izitha zami ziyaphila, zilamandla, lalabo abangizonda ngokungafanele bayanda.


Abangizondayo ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; labo ababefuna ukungibhubhisa, ngoba beyizitha zami, banamandla; ngase ngibuyisela lokho engingakuthathanga.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo bakhohlisile; yebo, babiza isixuku emva kwakho; ningabakholwa, noma bekhuluma amazwi amahle kini.


Futhi uba indlu ihlukene phakathi, leyondlu ayinakuma;


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.


Kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga;


U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma namadoda; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Uzeleni lapha na? Uzishiye nobani lezo zimvu ezimbalwa ehlane? Mina ngiyakwazi ukuzikhukhumeza kwakho lenkani yenhliziyo yakho; ngoba nehlele ukubona impi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka