Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 35:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Masisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare owangiphendula osukwini lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engahamba ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 35:3
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.


UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; futhi ngizoba nawe.


Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.


UJakobe wasala yedwa; kwaba khona umuntu wabambana naye kwaze kwasa.


UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wahlukanisa abantu ababe naye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, izigaba ezimbili;


Bamnika uJakobe zonke izithixo zabezizwe ezazisesandleni sabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwesihlahla somtholo esasiseShekemi.


Wakha khona i-altare, wayiqamba indawo ngokuthi i-Elibeti-Eli, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye lapho ebalekela umfowabo.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba phambi kwakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuphila kwami kuze kube namuhla;


Base bembiza uJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula osizini lwabo.


O, uma abantu bengamdumisa uJehova ngobubele bakhe nezimangaliso zakhe kubantwana babantu!


Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni.


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


Mazi kuzo zonke izindlela zakho, futhi uyokwenza izindlela zakho ziqonde.


Ngokuba izizwe ziyakuhlala eSiyoni eJerusalema; ungabe usakhala; uma ekuzwa, uyakuphendula.


Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha.


Kumelwe usuke lapho, ufike ethafeni laseThabhori; amadoda amathathu ayakuhlangana nawe ekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ethwele izimbuzi ezintathu, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba lewayini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka