Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 3:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Waseyixotsha indoda; wabeka amakherubi ngasempumalanga kwensimu yase-Edene, nenkemba yelangabi ephenduka inhlangothi zonke ukuba ilinde indlela yomuthi wokuphila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 3:24
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho uJehova uNkulunkulu wamkhipha ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.


U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini, wathi: “Ngifumene indoda evela kuJehova.”


Bheka, uyangixosha namuhla emhlabeni; ngiyakusitheka ebusweni baKho; futhi ngiyoba umbaleki nozulane emhlabeni; futhi noma ubani ongitholayo uzongibulala.


owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya; izinceku zakhe umlilo ovutha amalangabi.


Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.


UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.


Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi bangilethele umhlatshelo; kuwo wonke umuntu onikela ngenhliziyo yakhe ngokuzithandela, anothabatha umnikelo wami.


Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwekhanda lamakherubi, kwabonakala phezu kwawo kunjengetshe lesafire, kufana nomfanekiso wesihlalo sobukhosi.


Ngalokho ngamnikela esandleni sonamandla kwabezizwe; ngokuqinisekile uyosebenzelana naye; Ngamxosha ngenxa yobubi bakhe.


Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova imi endleleni iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini; uBileyamu wayishaya imbongolo wayishintsha endleleni.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Nangezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezikhonzi zakhe amalangabi omlilo.


UJoshuwa wayeseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, bheka, nanto indoda imi maqondana naye iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; uJoshuwa waya kuye, wathi kuye: “Ungowethu noma ungowezitha zethu na?


Abantu basebethumela eShilo ukuletha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phakathi kwamakherubi; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka