Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 27:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

41 U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

41 U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 27:41
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lawo mazwi ka-Esawu indodana yakhe endala watshelwa uRebeka, wathumela wabiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, u-Esawu umnewenu okuthintayo uziduduza ngokuthi uzokubulala.


Ngisindise esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, funa afike angishaye kanye nonina kanye nabantwana.


UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: “Sifikile kumfowenu u-Esawu, naye uze ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.”


U-Isaka wafa, wabuthelwa kubantu bakubo, esemdala, eseneminyaka eminingi; amadodana akhe o-Esawu noJakobe bammbela.


Lapho bembona ekude, engakasondeli kubo, bamenzela ugobe lokumbulala.


Lapho abafowabo bebona ukuthi uyise wayemthanda ngaphezu kwabo bonke abafowabo, bamzonda futhi babengakwazi ukukhuluma naye ngokuthula.


Abafowabo bathi kuye: “Impela uyakusibusa na?” noma uzosibusa ngempela na? Basebemzonda kakhulu ngenxa yamaphupho akhe langenxa yamazwi akhe.


Abafowabo bakaJosefa sebebonile ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uyakusizonda, aphindisele kithi ngakho konke okubi esikwenzile kuye.”


UJosefa wayala izinceku zakhe, inyanga, ukuba zigqumise uyise ngomzimba;


Ngakho izinceku zakhe zayikhipha kuleyo nqola zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo; bamyisa eJerusalema, wafa, wembelwa kwelinye lamathuna awoyise. Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.


Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena wayazi indlela yami. Endleleni engangihamba ngayo bangibekela ugibe ngasese.


Ngaziphatha njengomngane wami loba umfowethu;


Okuncane anakho olungileyo kungcono kunenotho yababi abaningi.


Ngokuba izinyawo zabo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kwabo kunjengemigoqo yenqaba.


Inkohliso isenhliziyweni yakhe, uceba okubi njalo; utshala ukungezwani.


Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula.


Ngokuba waba nenzondo engunaphakade, wachitha igazi labantwana bakwa-Israyeli ngobudlova benkemba ngesikhathi senhlekelele yabo, ngesikhathi sokuphela ukona kwabo;


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka