Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 27:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Abantu mabakukhonze, izizwe zikhothame phambi kwakho; phatha abafowenu, amadodana kanyoko akhothamele; uqalekisiwe okuqalekisayo, ubusisiwe okubusisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 27:29
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.


Wayesethi uJakobe: “Funga kimi namuhla; wafunga kuye, wathengisa ngobuzibulo bakhe kuJakobe.


Kwathi u-Isaka eseqedile ukumbusisa uJakobe, uJakobe engakasuki ebusweni buka-Isaka uyise, wafika u-Esawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe.


U-Isaka waphendula, wathi ku-Esawu: “Bheka, ngimenze inkosi yakho, futhi ngimnike bonke abafowabo babe yizinceku; futhi ngamsekela ngokolweni nangewayini; ngenzeni kuwe manje ndodana yami?


Uyakuphila ngenkemba yakho, umkhonze umfowenu; uma ubusa, uyakwephula ijoka lakhe lisuke entanyeni yakho.


Wasebalandisa uyise labafowabo; uyise wamkhuza wathi kuye: Liphupho lini leli oliphuphileyo? Ingabe mina nonyoko kanye nabafowenu sizofika ngempela ukuze sikhothame phambi kwakho emhlabeni?


Ngokuba bheka, besibopha izithungu ensimini, bheka, isithungu sami savuka, saqonda; bheka, izithungu zenu zema nxazonke, zakhothama phambi kwesithungu sami.


UNkulunkulu uyokwandisa uJafete, futhi uyohlala ematendeni kaShemi; uKhanani abe yinceku yakhe.


Kwakungekho nkosi kwa-Edomi ngaleso sikhathi;


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; baletha izipho, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Ngokuba uJuda waba namandla phezu kwabafowabo, kwaphuma kuye umbusi; kodwa ubuzibulo babungobukaJosefa.


Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu.


Amakhosi ayakuba ngoyise, nezindlovukazi zabo zibe ngonyoko; bayakukhothama phambi kwakho ubuso babo bubheke phansi, bakhothe uthuli ezinyaweni zakho; futhi niyokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba abalindele kimi ngeke babe namahloni.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.


Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonze kuyakubhubha; yebo, lezo zizwe ziyobhujiswa ngokuphelele.


Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.


Ngingaqalekisa kanjani lokho uNkulunkulu angakuqalekisanga? mina engingaphikanga kanjani iNkosi na?


U-Edomi uyakuba yifa, iSeyiri libe yifa lezitha zakhe; futhi u-Israyeli uyokwenza ngesibindi.


Walala, walala phansi njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani ozamvusa? Ubusisiwe okubusisayo, uqalekisiwe okuqalekisayo.


Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.


Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi.


Kwasekusithi kuye: Omkhulu uzakhonza omncane.


Esembathweni sakhe nasethangeni lakhe kunegama lilotshiwe ukuthi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka