Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 24:50 - Contemporary Zulu Bible 2024

50 Base bephendula oLabani noBetuweli, bathi: “Indaba ivela kuJehova; asinakukhuluma okubi noma okuhle kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

50 ULabani noBhethuweli baphendula, bathi: “Le ndaba ivela kuSimakade, ngeke thina sakwazi ukusho noma yini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 24:50
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Engakaqedi ukukhuluma, kwaphuma uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka umkaNahori umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe lakhe.


Intombazana yagijima, yabatshela lezizinto ngendlu kanina.


Bheka, uRebeka uphambi kwakho, mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho uJehova ekhulumile.


Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.


Base bethi umnewabo nonina: “Vumela intombazane ihlale nathi izinsuku okungenani eziyishumi; emva kwalokho uzohamba.


Basebembusisa uRebeka, bathi kuye: Wena ungudadewethu, ube ngunina wezinkulungwane zezigidi, inzalo yakho idle ilifa lesango lalabo abayizondayo.


UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”


Kusemandleni esandla sami ukukulimaza; kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume kimi izolo ebusuku, wathi: Ziqaphele, ungakhulumi okuhle kumbe okubi kuJakobe.


U-Abisalomu akakhulumanga okuhle nokubi ku-Amnoni umfowabo, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu ephoqile udadewabo uTamari.


Ngakho inkosi ayizange ibalalele abantu; ngoba kwakuyisizathu sikaJehova ukuba agcwalise izwi lakhe uJehova alikhuluma ngenkonzo ka-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.


Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka nilwe nabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe; ngoba lokhu kungokwami. Balilalela izwi likaJehova, babuyela emuva ukuba bahambe njengezwi likaJehova.


Yilokhu uJehova akwenzayo; kuyamangalisa emehlweni ethu.


UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi;


Lokhu kwenziwe yiNkosi, futhi kuyamangalisa emehlweni ethu?


Ngakho-ke njengokuba uNkulunkulu ebanikile isipho esifana naso njengathi thina esakholwa yiNkosi uJesu Kristu; mina bengiyini ukuba ngimelane noNkulunkulu na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka