Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 24:40 - Contemporary Zulu Bible 2024

40 Yathi kimi: ‘UJehova engihamba phambi kwakhe uyakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; futhi kumelwe uyithathele indodana yami umfazi emndenini wakithi nasendlini kababa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

40 “Yathi: ‘USimakade engiphila phambi kwakhe, uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, enze indlela yakho ibe yimpumelelo. Wena uzakutholela indodana yami umfazi kwelakithi nasezihlotsheni zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 24:40
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama eseneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami futhi uphelele.


Wathi kubo: “Ningangithiyi, lokhu uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukise ukuze ngiye enkosini yami.


UJehova, uNkulunkulu wezulu, owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami, owakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe; kumelwe athumele ingelosi yakhe phambi kwakho, futhi kumelwe uyithathele khona indodana yami umfazi.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba phambi kwakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuphila kwami kuze kube namuhla;


Emva kokuzalwa kukaMethusela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.


U-Enoke wahamba noNkulunkulu, wayengasekho; ngoba uNkulunkulu umthathile.


Lezi ziyizizukulwane zikaNowa: UNowa wayeyindoda elungile, engenasici esizukulwaneni sakhe; uNowa wahamba noNkulunkulu.


ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;


Wayesethi uSolomoni: “Wenze umusa omkhulu encekwini yakho, ubaba uDavide, njengoba ayehamba phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe; umgcinele lomusa omkhulu ukuthi umnike indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njenganamuhla.


Wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini naphansi emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa ezincekwini zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo.


Ngiyakuncenga, Jehova, khumbula ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho. UHezekiya wakhala kamunyu.


Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.


Ngiyambeka uJehova phambi kwami njalo; ngoba ungakwesokunene sami, kangiyikuzanyazanyiswa.


Ngoba uzalaya izingilosi zakhe ngawe ukuthi zikulinde ezindleleni zakho zonke.


Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikugcine endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


UNebukadinesari wakhuluma, wathi: “Makatuswe uNkulunkulu kaShadiraki, uMeshaki no-Abedi Nego, othume ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ezimethembayo, waguqula izwi lenkosi, wakhulula imizimba yazo, ukuze bangamkhonzi, bakhulekele noma yimuphi unkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wabo.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.


Mina Johane ngabona lezizinto nozizwayo. Kwathi sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonise lezi zinto.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka