Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 23:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 U-Abrahama wamlalela u-Efroni; U-Abrahama wamlinganisela u-Efron isiliva abeyikhulume ezindlebeni zamadodana kaHeti, amashekele angamakhulu amane esiliva, imali evunywayo kumthengisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 U-Abhrahama wavumelana no-Efroni, wayesembalela inani ayelibalulile phambi kwamaHithi, ngesisindo salo amashekeli ezinhlamvu zesiliva ezingama-400 ngokwezilinganiso ezazisetshenziswa ngabahwebi baleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 23:16
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nkosi yami, ngilalele: izwe lilingana namashekeli angamakhulu amane esiliva; yini phakathi kwami nawe? bese ungcwaba ofileyo wakho.


Lapho sifika endlini yezihambi, savula izikhwama zethu, bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesikhwama sakhe, imali yethu ngesisindo sayo; futhi sayibuyisela esandleni sethu.


Futhi wabayala wathi kubo: Kufanele ngibuthelwe kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti;


Amadodana akhe amngenisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wensimu yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nezwe, kube yindawo yethuna lika-Efroni umHeti phambi kweMamre.


Lapho ephucula ikhanda lakhe, ngokuba wayeligunda ekupheleni konyaka; ngoba izinwele zazimsinda, walinganisa, walinganisa izinwele zekhanda lakhe, amashekeli angamakhulu amabili ngokwesisindo senkosi.


Inkosi yasisithi kuArawuna: Hatshi! kodwa ngiyakusithenga kuwe ngentengo; ngiyakunikela kuJehova uNkulunkulu wami iminikelo yokushiswa engeyize. UDavide wathenga isibuya nezinkabi ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.


Alinakutholwa ngegolide, nesiliva alinakulinganiswa ngentengo yalo.


Lokhu bayakukunika: yilowo nalowo owadlula kwababalwayo, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele; ishekeli lingamagera angamashumi amabili; ingxenye yeshekeli izakuba ngumnikelo weNkosi.


Ngaloba ubufakazi, ngabunamathelisa, ngathatha ofakazi, ngamkala imali esikalini.


Ngasithenga isiqinti kuHanameli indodana kababekazi owayese-Anathoti, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva.


Ishekeli liyakuba ngamagera angamashumi amabili; amashekeli angamashumi amabili, namashekeli angamashumi amabili nanhlanu, namashekeli ayishumi nanhlanu ayakuba yimane kini.


Ngasengisithi kubo: Uba libona kuhle, nginikeni intengo yami; uma kungenjalo, kuyeke. Base belinganisa izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu ngentengo yami.


Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.


Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi.


Ningakweleti muntu, kuphela elokuthandana, ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.


ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka