Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi eminingi emihle, enezithelo ezimnandi, ezidliwayo. Phakathi nensimu kwakumi umuthi wokuphila kanye nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 USimakade uNkulunkulu watshala zonke izinhlobo zezihlahla ezibukekayo ukuba zithele izithelo ezinhle ezidliwayo. Phakathi naleyo nsimu kwakumile umuthi wokuphila, nomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 2:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa ungasidli isithelo somuthi wolwazi lokuhle lokubi, ngoba mhla usidla kuwo uzakufa lokufa.


INkosi uNkulunkulu yathi: Bheka, umuntu usenjengomunye wethu ukwazi okuhle nokubi; futhi manje njengoba engaseluli isandla sakhe futhi futhi athathe emthini wokuphila adle futhi aphile kuze kube phakade.


Waseyixotsha indoda; wabeka amakherubi ngasempumalanga kwensimu yase-Edene, nenkemba yelangabi ephenduka inhlangothi zonke ukuba ilinde indlela yomuthi wokuphila.


Kepha isithelo somuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu wathi: Ningasidli, ningathinti, funa nife.


Ngoba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla lisidla, amehlo enu azavuleka, njalo lizakuba njengonkulunkulu, likwazi okuhle lokubi.


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila; nozuza imiphefumulo uhlakaniphile.


Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, babusisiwe bonke abakubambayo.


echitha izibonakaliso zabaqamba amanga, ehlanyisa abahlola imihlola; ababuyisela emuva abahlakaniphileyo, benze ulwazi lwabo lube buthutha;


Ngokuba wethemba ububi bakho; wathi: Akekho oNgibonayo. Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukombile; wathi enhliziyweni yakho: Nginguye, akakho omunye ngaphandle kwami.


Ngenza ukuba izizwe zithuthumele ngomsindo wokuwa kwakhe, lapho ngehlisela eHayidese kanye nalabo abehlela egodini; futhi zonke izihlahla zase-Edene, ezikhethiweyo nezingcono kakhulu zaseLebanoni, zonke eziphuza amanzi ziyakududuzwa ezindaweni ezingaphansi komhlaba.


“Ulingana nobani ngenkazimulo nobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? kepha uyakuphonswa phansi kanye nemithi yase-Edene ezindaweni eziphansi zomhlaba; phakathi kwabangasokile uyolala kanye nababulewe ngenkemba. NguFaro naso sonke isixuku sakhe, isho iNkosi uJehova.


Nangasemfuleni osebeni lwawo ngapha nangapha, zonke izihlahla ziyakumila zibe ukudla, ezimaqabunga ayo angabuni, nesithelo saso singashi; liyakuthela izithelo ezintsha njengezinyanga zalo, ngokuba amanzi alo aphuma endaweni engcwele, nesithelo saso sibe ngukudla, namahlamvu awo abe ngumuthi.


Mina ngiyisinkwa sokuphila.


Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi. Ulwazi luyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.


Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina nokuyenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho eyalile kithi.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.


Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya izizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka