Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 34:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Waqopha izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; UMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhwela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile, waphatha esandleni sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 UMose wabaza izibhebhe ezimbili zamatshe zafana nezokuqala, wavuka ekuseni ngovivi, wakhuphukela entabeni iSinayi njengoba uSimakade ayemyalile, ephethe izibhebhe ezimbili zamatshe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 34:4
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.


UMose wakhuphukela kuNkulunkulu, uJehova wambiza esentabeni, wathi: “Uyakusho kanje kuyo indlu kaJakobe, usho kubantwana bakwa-Israyeli;


Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nombhalo wawungumbhalo kaNkulunkulu, uqoshwe ezibhebheni.


UJehova wayesethi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula.


Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.


Ngase ngenza umphongolo womuthi womtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni ngiphethe izibhebhe zombili esandleni sami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka