Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 33:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 UMose walithatha itabernakele, walimisa ngaphandle kwekamu, kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Bonke ababeyifuna iNkosi baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu,* libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 33:7
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kuba khona indlala emihleni kaDavide iminyaka emithathu, umnyaka ngomnyaka; uDavide wabuza kuJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nendlu yakhe yamagazi, ngoba wabulala abaseGibeyoni.”


Jehova, umeleni kude na? nicashelani ngezikhathi zokuhlupheka na?


Lapho uthi: Dingani ubuso bami; inhliziyo yami yathi kuwe: Ngiyakufuna ubuso bakho, Jehova.


Ukubonile lokhu, Jehova; ungathuli; Jehova, ungabi kude nami.


UJetiro, umukhwe kaMose, wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuba badle isinkwa nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.


UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga; babuzana ukuphila kwabo; bangena etendeni.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhumula izivunulo zabo entabeni yaseHorebe.


Lapho uMose ephuma eya etabernakele, bonke abantu basukuma, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe babheka uMose waze wangena etabernakele.


UJehova ukude nababi, kepha uyawuzwa umkhuleko wabalungileyo.


Kodwa ububi benu bunahlukanisile loNkulunkulu wenu, lezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini, ukuze angezwa.


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphanga, kungabikho muntu; yebo, maye kubo futhi lapho ngisuka kubo!


Kodwa uma nifuna uJehova uNkulunkulu wenu lapho, niyomthola, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka