Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 29:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Usondeze u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Uyoletha u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 29:4
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ulenzele umnyango wetende iveli lokuyibubende, lokuyibubende, lokubomvu, lelembu elicolekileyo lentambo ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi.


Kumelwe ukubeke kubhasikidi owodwa, ukulethe kanye nenkunzi nezinqama ezimbili kubhasikidi.


Kumelwe ulethe u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.


Walixhoma iveli emnyango wetabernakele.


Lapho bengena etendeni lokuhlangana nalapho besondela e-altare bageza; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Lapho abapristi bengena kulo, abanakuphuma endaweni engcwele baye egcekeni elingaphandle, kodwa kumelwe babeke lapho izingubo zabo abakhonza benazo; ngoba bangcwele; futhi iyogqoka ezinye izingubo futhi isondele ezintweni eziqondene nabantu.


Lowo oyakuhlanjululwa kumelwe ahlanze izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ukuze ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu, ahlale kasikhombisa etendeni lakhe izinsuku.


Wosondeza amaLevi phambi kwetende lokuhlangana, ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.


ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;


Kodwa lapho kusihlwa kumelwe ageze ngamanzi; kuthi lapho selishonile ilanga, abuyele ekamu.


Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele;


Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo, sinesiqinisekiso esigcwele sokukholwa, izinhliziyo zethu zifafaziwe kunembeza omubi, nemizimba yethu igeziwe ngamanzi acwebileyo.


Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka