Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 26:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 Ulengise isihenqo ngaphansi kwabakaki, ukuze ungenise umphongolo wobufakazi phakathi kwesihenqo; isihenqo kumelwe sinihlukanisele phakathi kweNgcwele neNgcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Uyakuphanyeka isihenqo phansi kwezinkibaniso, uwungenise umphongolo wobufakazi khona phakathi kwesihenqo, isihenqo sinahlukanisele indawo engcwele nendawo engcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

33 Uyolengisa isihenqo phansi kwamahhuku asophahleni, bese ungenisa umphongolo wesivumelwano phakathi kwesihenqo, isihenqo siyakunehlukanisela indawo engcwele nendawo engcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 26:33
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakha izingalo ezingamashumi amabili ezinhlangothini zendlu ngamapulangwe emisedari kusukela phansi kuze kufike odongeni; futhi walakhela yona ngaphakathi, yendlu engaphakathi, yebo, iNgcwelengcwele.


Kwathi lapho abapristi bephuma endlini engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaJehova.


Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo endlini engaphakathi yendlu, eNgcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.


Wenza indlu eNgcwelengcwele, ubude bayo babulingana nobubanzi bendlu, buyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bayo buyizingalo ezingamashumi amabili; wayinameka ngegolide elihle lamatalenta angamakhulu ayisithupha.


Kumelwe ubeke ubufakazi engizokunika bona emkhunjini.


Kumelwe ulilengise ezinsikeni ezine zokhuni lomtholo ezihuqwe ngegolide; izisekelo zazo zibe ngegolide, ezisekelweni ezine zesiliva.


Izinsika zalo ezingamashumi amabili nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izisekelo zezinsika namasongo azo abe yisiliva.


Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi, u-Aroni namadodana akhe bayakuyala lokhu phambi kukaJehova kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni: kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo kubantwana bakwa-Israyeli.


Walenzela izinsika ezine zomuthi womtholo, wazinameka ngegolide; izisekelo zazo zazingezegolide; wazibumbela izisekelo ezine zesiliva.


Wawungenisa umphongolo etabernakele, waxhoma isilenge, wasibekela umphongolo wobufakazi; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ufake kulo umphongolo wobufakazi, umboze umphongolo ngesihenqo.


Yalinganisa ubude bayo: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: Le yindawo eNgcwelengcwele.


UJehova wayesethi kuMose: “Yisho u-Aroni umfowenu ukuthi angangeni njalo endlini engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo; funa afe, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka