Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 24:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, ube khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalo engiyibhalile; ukuthi ungabafundisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 24:12
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho kulowo moya, emva komoya ukuzamazama komhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba.


U-Ezra walungisa inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova nokuwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.


Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;


wazisa kubo isabatha lakho elingcwele, wabayala ngeziyalezo, nezimiso, nemithetho ngesandla sikaMose inceku yakho.


Ubani ongaqonda amaphutha akhe? Ngihlanze emaphutheni afihliweyo.


UMose wakhuphukela kuNkulunkulu, uJehova wambiza esentabeni, wathi: “Uyakusho kanje kuyo indlu kaJakobe, usho kubantwana bakwa-Israyeli;


UMose wakhuphuka entabeni, ifu lasibekela intaba.


UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; futhi abantu abanakukhuphuka naye.


Ngemva kokuba eseqedile ukukhuluma naye entabeni yaseSinayi wamnika uMose izibhebhe ezimbili zobufakazi, izibhebhe zamatshe ezilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Lapho abantu bebona ukuthi uMose wayengehli entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Sukuma, usenzele onkulunkulu abaya kuhamba phambi kwethu; ngoba uMozisi lo, indoda eyasikhupha elizweni leGibhithe, kasazi ukuthi wehlelwe yini.


UJehova wayesethi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula.


Kodwa yilesi isivumelwano engizasenza lendlu kaIsrayeli; Emva kwalezo zinsuku, usho uJehova, ngiyakubanikeza umthetho wami phakathi kwabo, ngiwulobe enhliziyweni yabo; futhi bayoba nguNkulunkulu kubo, futhi bayoba abantu Kimi.


Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.


njengokuba nibonakalisiwe ukuthi niyincwadi kaKristu esiyikhonzayo, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo; hhayi ezibhebheni zamatshe, kodwa ezibhebheni zenhliziyo zenyama.


Kepha uma inkonzo yokufa, ilotshiwe, iqoshwe ematsheni, yayinenkazimulo, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli babengenakububheka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe; okuyinkazimulo eyayizakuqedwa;


UJehova wangiyala ngaleso sikhathi ukuba nginifundise izimiso nezahlulelo, ukuze nizenze ezweni enithuthela kulo ukulidla.


Lawa mazwi uJehova wawakhuluma ngezwi elikhulu ebandleni lenu lonke entabeni, phakathi komlilo, nefu, nasebumnyameni; futhi Akanezelanga lutho. Waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika lona.


Kepha wena, yima lapha nami, futhi ngiyakukhuluma kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa zona, ukuze bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.


eyayinomcengezi wegolide wempepho, nomphongolo wesivumelwano unamekwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo imbiza yegolide eyayinemana, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka