Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 17:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova wayesethi kuMose: “Phuma phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli nawe; nentonga yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe esandleni sakho, uhambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova wathi kuMose: “Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 USimakade wathi kuMose: “Hamba phambi kwabantu, uthathe amanye amalunga akwa-Israyeli, nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 17:5
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nguwena owahlukanisa umthombo nomfula, womisa imifula enamandla.


Kepha wena phakamisa udondolo lwakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, uluhlukanise, ukuze abantwana bakwa-Israyeli badabule ulwandle emhlabathini owomileyo.


Hamba, ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: INkosi, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, ka-Isaka, noJakobe, ibonakele kimi, yathi: Nginihambele, ngabona okwenziwa kini. EGibhithe:


Kumelwe ufike, wena namadoda amadala akwa-Israyeli, enkosini yaseGibhithe, nithi kuyo: ‘INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, isihlangabeze; manje masihambe, uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka