Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 9:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zwana, Israyeli, uyakudabula iJordani namuhla ukungena ukudla izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu ebiyelweyo kuze kufike ezulwini;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Yizwa Israyeli: uzakuwela iJordani namuhla, ungene ukuba wephuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 9:1
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.


Lapho abantu bebona ukuthi uMose wayengehli entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Sukuma, usenzele onkulunkulu abaya kuhamba phambi kwethu; ngoba uMozisi lo, indoda eyasikhupha elizweni leGibhithe, kasazi ukuthi wehlelwe yini.


Umuthi wakhula waba namandla, ukuphakama kwawo kwafinyelela ezulwini, nobuso bawo emikhawulweni yomhlaba wonke.


Kodwa ngabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ubude bawo bunjengobude bemisedari, laqina njengezihlahla zeturpentine; kodwa ngasichitha isithelo sawo phezulu lezimpande zawo ngaphansi.


Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)


Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani;


Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.


UJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nidle ifa lezizwe ezinkulu nezinamandla kunani.


Ngoba lizawela iJordani lingene ukulidla ilizwe uJehova uNkulunkulu wenu azalinika lona, njalo lizalidla lihlale kulo.


Ngosuku eniwela ngalo iJordani ningena ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nizimisele amatshe amakhulu, niwanameke ngodaka.


Nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle;


Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


ukuba axoshe phambi kwakho izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, ukuba akungenise, akunike izwe lazo libe yifa lakho, njengokuba kunjalo namuhla.


Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni alifungela oyihlo, ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika imizi emikhulu nemihle ongayakhanga,


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;


Dlulani phakathi kwempi, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni ukudla; ngoba phakathi kwezinsuku ezintathu lizakudabula leli Jordani ukuze lingene ukulidla ilizwe uJehova uNkulunkulu wenu azalinika lona ukuba ngilidle.


uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.


Manje nginike le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku; ngokuba wezwa ngalolo suku ukuthi ama-Anaki akhona, nemizi mikhulu, ibiyelwe; uma uJehova enami, ngiyakuba-khona ukubaxosha, njengalokho uJehova ekhulumile.


Lapho abantu bekhuphuka besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, nabapristi abathwala umphongolo wesivumelwano phambi kwabantu;


Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.


UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Basebewuphakamisa umphongolo wesivumelwano, baphuma phambi kwabantu.


Abantu basuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala bamisa inkamba eGiligali emngceleni osempumalanga yeJeriko.


UJoshuwa wathi kubo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu ningene phakathi kweJordani, nithathe kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe ngokwesibalo sezizwe zabantwana bakwa-Israyeli.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka