Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 7:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uma uthi enhliziyweni yakho: Lezi zizwe ziningi kunami; ngingaziphuca kanjani?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani, na?’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 7:17
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngoba wena wathi enhliziyweni yakho: Ngithanda ukukhuphukela ezulwini, ngizaphakamisa isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyakuhlala entabeni yokuhlangana, emagumbini akude asenyakatho.


Ngakho-ke zwanini lokhu nina enithanda ubumnandi, enihlala ninganaki, enithi enhliziyweni yenu: Yimi yimi, akakho omunye ngaphandle kwami; Ngeke ngihlale njengomfelokazi, futhi ngeke ngikwazi ukulahlekelwa abantwana;


Uzakuthi enhliziyweni yakho: Ngubani ongizalele lokhu, mina ngilahlekelwe ngabantwana bami, ngilahliwe, ngiyisibotshwa njalo ngizulazula? futhi ubani oveze lokhu? Bheka, ngisele ngedwa; laba, bebekuphi na?


Futhi uma uthi enhliziyweni yakho: Kungani lezi zinto zingehlela na? Ngokuba ubukhulu bobubi bakho izambatho zakho zambuliwe, nezithende zakho zambulwe.


Baletha umbiko omubi ngezwe abalihlola kubantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esadabula kulo ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; futhi bonke abantu esababona kulo bangabantu abade.


UJehova wayesethi kuMose: “Ungamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengoba wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni.


Kumelwe nixoshe abakhileyo ezweni futhi nihlale kulo, ngoba ngininikile izwe ukuba nilidle.


UJesu ebona izizindlo zenhliziyo yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe.


Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.


Qaphela ukuba kungabikho umcabango omubi enhliziyweni yakho othi: Unyaka wesikhombisa, umnyaka wokukhululwa, useduze; iso lakho libe libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho; wabiza uJehova ngani, kube yisono senu.


Futhi uma uthi enhliziyweni yakho: Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga?


Futhi uthi enhliziyweni yakho: Amandla ami namandla esandla sami kungizuzele le ngcebo.


Senikubonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzileyo kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye owanilwelayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka