Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 6:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Khona-ke kumelwe uthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 “Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 6:21
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Esalindile, amadoda abamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili; uJehova waba nomusa kuye, bamkhipha, bamkhiphela ngaphandle komuzi.


Ukuze bathembele kuNkulunkulu futhi bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kodwa bagcine imiyalo yakhe.


Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.


Kuyakuba luphawu esandleni sakho nanjengebhande phakathi kwamehlo akho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.


Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.


Kuyakuba kuwe luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikunivumela ukuba nihambe, cha, kungengasandla esinamandla.


Ngilaleleni nina eniphishekela ukulunga nina enifuna uJehova; bhekani idwala enaqoshwa kulo nomthombo womgodi enambiwa kuwo.


Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibhithe, futhi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala lokhu namuhla.


Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


Khumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha kulo ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Uma indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu akuyale ngakho na?


UJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezinzima eGibithe kuFaro nakuyo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka