Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 (Ngaleso sikhathi ngema phakathi kukaJehova nani ukuba ngimemezele kini izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukanga entabeni, nithi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 5:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadoda afulathela lapho, aya eSodoma, kepha u-Abrahama wayemi phambi kukaJehova.


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula izihlahla, waphula inyoka yethusi uMose ayeyenzile, ngokuba kwaze kwaba yilezo zinsuku abantwana bakwa-Israyeli bashunqa kuyo umusi, wayiqamba ngokuthi uNehustan.


Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.


Kwathi ngosuku lwesithathu ekuseni kwaba khona ukuduma, nemibani, nefu elinzima entabeni, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bathuthumela bonke abantu ababesekamu.


INkosi yasisithi kuMozisi: Yehla, ulaya abantu, hlezi bafohle baye eNkosini ukuze babone, kubhubhe abanengi kubo.


UMose wehlela kubantu, wakhuluma kubo;


Izikhulu zabo ziyophuma kubo, umbusi wabo aphume phakathi kwabo; ngiyakumsondeza, asondele Kimi; kusho uJehova.


Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; sanqamuka isifo.


Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli.


Sondela uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu azakutsho; ukhulume kithi konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe; futhi siyakuzwa, sikwenze.


Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka