Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 34:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 UMose inceku kaJehova wafela khona ezweni lakwaMowabi njengezwi likaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 UMose inceku kaSimakade wafela khona lapho kwaMowabi, njengezwi likaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 34:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wafa njengezwi likaJehova alikhulumayo u-Eliya. UJoramu wasesiba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wesibili kaJoramu indodana kaJehoshafathi inkosi yakoJuda; ngoba wayengelandodana.


USolomoni nebandla lonke bahamba naye baya endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni; ngoba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu uMose inceku kaJehova alenza ehlane.


Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngoIsrayeli wonke, izimiso nezahlulelo.


Akunjalo ngenceku yami uMose, othembekile endlini yami yonke.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zisondele ukuba ufe; wamemeza uJoshuwa, nimisa etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale. OMose noJoshuwa bahamba, babangenisa etendeni lokuhlangana.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.


Ufele entabeni okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini; njengalokhu umfowenu u-Aroni afela eNtabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo.


Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;


USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:


Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka