Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 32:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bamvusela umhawu ngonkulunkulu bezizweni, bamcunula ngezinengiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Bamenza waba nesikhwele ngonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 32:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu ngezono zabo abazenzayo ngaphezu kwakho konke ababekwenzile oyise.


Kepha wena wenze okubi kakhulu kunakho konke okwakungaphambi kwakho, ngokuba uhambile, wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukuba udlale ngami, wangilahla emva kwakho.


Baqhumisa khona umusi phezu kwazo zonke izindawo eziphakemeyo, njengoba nje kwenza izizwe uJehova aziholile phambi kwabo; futhi benza izinto ezimbi ukuze bamthukuthelise uJehova.


Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba bamcunule.


Futhi wadabulisa indodana yakhe emlilweni, futhi wagcina izikhathi futhi esebenzisa imilingo futhi esebenzelana nemimoya yemvelaphi kanye nabathakathi; wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova ukuba amcunule.


Nezindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ezazingakwesokunene sentaba echithayo, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azakhela u-Ashitaroti, isinengiso samaSidoni, noKemoshi, isinengiso sakwaMowabi, UMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni wangcolisa inkosi.


Basebemthukuthelisa ngemisebenzi yabo, kwavela isifo phezu kwabo.


Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo.


Ngashumayela, ngakhulula, ngabonisa, kungekho nkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; ngalokho ningofakazi bami, usho uJehova, ukuthi nginguNkulunkulu.


Isizwe sishintshile yini onkulunkulu baso, abangebona onkulunkulu na? kepha abantu bami banana udumo lwabo ngalokho okungasizi ngalutho.


Gcina izinyawo zakho zingagqoki, nomphimbo wakho ekomeni; kodwa wena wathi: Kakukho ithemba. Ngoba ngangibathanda abezizweni, ngabalandela.


Abantwana batheza izinkuni, oyise babasa umlilo, abesifazane baxova inhlama ukwenzela indlovukazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa, ukuze bangicunule.


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


Ngokuba zonke lezi zinengiso bazenza abantu bezwe ababengaphambi kwenu, izwe langcoliswa;


Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?


Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.


Akumelwe uzikhothamele futhi uzikhonze; ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo;


Izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo niyozishisa ngomlilo; isiliva noma igolide elikuso, ungalifisi, ungazithatheli lona, funa ucushwe yilo; ngoba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka